Prøve GULL - Gratis
Lokhu kuthwasa kwanoma ngubani kwandiswa yindlala yesisu neyolwazi
Isolezwe
|June 24, 2025
KUNOMBUZO ojulile othunyelwe omunye wabalaleli ukuthi kwenziwa yini kube khona lapho izingane noma abantu bonke basekhaya bazithole sebethwasa? Kokunye uye kugobela, uyafika athi kuzokufanele omunye athwase, kuthi esethwasa bese kukhonjwa omunye futhi naye kuthiwe akathwase.
-
Kanti ukuthwasa lokhu sekwaba yini? Kunamakhaya lapho uke uthole ukuthi izingane azigani, abaganwa nabafana, amantombazane uma ezalele ekhaya kawahlawulwa. Uma niphuma nihamba, kulapho kuyaye kuthiwe khona thwasani nonke. Uma kungenjalo kuthiwe kufanele nimiselwe igobongo.
Inkinga enkulu ebhekene nabantu esithi siyabelapha inhlupheko nosizi. Lokhu kokubili kwenza ukuthi noma ususatshiswa ngokuthi uzovelelwa ukuthi nokuthi, ungabe usacabanga ngisho ukucabanga ukuthi lokhu otshelwa khona akukho kangakanani. Imindeni eminingi - cishe yethu sonke thina bantu abamnyama - inabo okhokho ababephila ngempande nakuba babengathwasile kodwa uthole ukuthi umuntu uyifunde ekhaya kumkhulu, abelokhu ehlala naye. Kokunye afundiswe ekhula ukwelapha.
Uma bonke labo bantu sebehambile emhlabeni bazobuya ngemimoya sebethi nawe yenza njengalokhu babenzile ukuze ungabulawa yindlala. Into ezokwenzeka ukuba namaphupho osuzosuka uphume uhambe uthi uyokuzwa, kanti usuyazithela endlaleni kamelaphi. Lokhu kuzogqama kuwona wonke umuntu emndenini bese kuthiwa akuthwase wonke umuntu ekhaya.
Denne historien er fra June 24, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
Unengwe 'umfowabo owazibulala' ngokumfaka kumshwalense wesigidi engazi
USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.
2 mins
January 23, 2026
Isolezwe
UMafikizolo ubungazwa wuKhozi eThekwini
UMCULI kamaskandi uLethukuthula \"Umafikizolo\" Mhlongo uzobungazwa wuKhozi FM ezindlini zokusakaza kwiSABC namuhla emuva kokuhlukanisa unyaka kulesi sikhondlakhondla somsakazo
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
UNdoni uqhakambise uGandaganda ogqame ngokubhikla ingoma
UMCULI kamaskandi osemusha nongomunye wabangaconsi phansi kubalandeli kulezi zinsuku, uGandaganda, usedalule ukuthi iso elibukhali likazakwabo kule ndima futhi osengumphathi wakhe emculweni, uNdoni, yilona elisize ukuqhakambisa ikhono lakhe lokucula nokugida ingoma.
1 mins
January 23, 2026
Isolezwe
I-ANC isobishini 'ngokugweva' nemali yamaciko
I-AFRICAN National Congress (ANC) isobishini njengoba seyize yafakwa eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenxa yezinsolo zokugweva nemali yamaciko ewuR423 228, 75.
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
Owe-ANC uyamaniswa nemoto eyathengela izinkabi ukudla
UMHOLI we-ANC, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uyamaniswa nemoto eyathengela ukudla izinkabi ezabulala ufakazi ecaleni lokubulala ayebhekene nalo
1 mins
January 22, 2026
Isolezwe
Ingxabano kujatshulelwa ingoma kaKwesta
UMDIDIYELI wezingoma ohlonishwa e-Afrika namaphethelo, uThemba \"DJ Maphorisa\" Sekowe, ubhoboke ngobuhlungu asezwiswe bona iminyaka eyisishiyagalolunye emuva kokuphrojusa unqambothi lwengoma yomrepha uSenzo \"Kwesta\" Vilakazi ethi Ingud.
1 min
January 22, 2026
Isolezwe
Ubonge ukwesekwa 'owatinyelwa' ngomzimba wakhe
NGESIKHATHI sinyuka isibalo sabeseka umkhankaso wokuthi kuvalwe iPiano Pulse Podcast kwiYouTube ngenxa yenkulumo \"egxeka\" uThatohatsi ngomzimba wakhe, lo mculi ubonge abamesekile.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Bathi ungenwe 'amadimoni' osole uMfundisi ngokumphuca ubuntombi
\"Ngabe senza elikhulu iphutha uma sivezela izwe lonke ukuthi unani owesifazane futhi njengebandla ngabe sikhombisa ubudedengu obukhulu.
1 mins
January 20, 2026
Isolezwe
Owamapiano uziqhathe noJulius Malema
KUSHAQEKE abantu abaningi ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema esongela futhi egibela ngenhlamba umculi wamapiano uDaliwonga Matiwane ngeSonto ekuseni.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Baphefumula ngoMbhishobhi osolwa ngokugwazela ijaji ngo-R2m
BAVUTHA bengabaselwe abefundisi bamahlelo ehlukene benhlangano, iReformed Independent Church Association (RICA) abasola isandla semfene ngokugqunywa ejele kukaMbhishobhi Michael Sandlwana webandla i-International Pentecostal Holiness Church (IPHC).
2 mins
January 20, 2026
Listen
Translate
Change font size

