Prøve GULL - Gratis
Masingathalalisi umdlavuza wezicubu uyabulala
Isolezwe
|June 17, 2025
ZININGI izinhlobo zemidlavuza, eminye yilona okhula uhlume ezicutshini. Njengoba izicubu zigcwele umzimba wonke, lokhu kuchaza ukuthi le nhlobo yomdlavuza ungahluma ukhule kuyo yonke indawo lapho kunesicubu khona.
-
Kuleli viki esiphuma kulona ngihlangane nomfana omncane obenesigaxakazi ehlombe. Elandisa, uthi waqala ukusiqaphela ngasekupheleni konyaka odlule. Ubelokhu ephuma engena ezikhungweni zezempilo ebika lesi sigaxa nobuhlungu obukhulu obuhambisana naso kodwa bekuyima kuthathwe isicubu siyohlolwa ekuqaleni kwale nyanga esikuyo uJuni, nonyaka.
Isimo esinjena sibuhlungu kakhulu.
Lapha sinomfana omncane obekade ephuma engena ezikhungweni kodwa wenzelwa phansi indlela yokusebenza kwabezempilo, namuhla uselengelwa isimo esibucayi ngale ndlela, ngaleso sikhathi izinhlungu ziyamangalisa kulesi sigaxa. Kuyezwela kakhulu ukubona ingane esencane ibhuqabhuqwa yilesi simo, ibe ithi yeza kithi kwabezempilo iqhubu lisanda kuhluma.
Sekukaningi sihlangana nalo mdlavuza wezicubu (soft tissue sarcoma) kwabancane nabadala futhi awukhethi bulili. Phambilini, sike sabhala kule ngosi ngawo lo mdlavuza lapho sasiqeda kwelapha le nhlobo yomdlavuza kwesinye seziguli sesifazane. Kusona izigaxa zaziphume nasemlonyeni. Ngenhlanhla wafika kudokotela wasesibhedlela i-Addington ongamfihlelanga, nongamlibazisanga ngokulokhu enza izinhlelo zokuqiniseka, ibe ibhasi ibhaliwe.
Denne historien er fra June 17, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Listen
Translate
Change font size
