Magzter GOLDで無制限に

Magzter GOLDで無制限に

10,000以上の雑誌、新聞、プレミアム記事に無制限にアクセスできます。

$149.99
 
$74.99/年

試す - 無料

Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni

Isolezwe

|

January 28, 2026

SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.

- FANELESIBONGE BENGU

I-AI uyitshela ukuthi ayenze ingoma ekhuluma ngani, uma izinhlamvu ungenazo, nesisigqi ofuna ihambe ngaso - kuba yimizuzwana "isadidiyela" bese ibuya nengoma ephelele.

Kulezi zinsuku ingoma kaRea Gopane ethi Suka! eyakhiwe nge-AI, ishisa izikhotha njengoba nasezinkundleni zokuxhumana abantu bekhombisa ukuyithakasela.

Uthisha womculo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal oneziqu zobudokotela, uNduduzo Makhathini, uthe i-AI inobuhle nobubi bayo.

"La ezohlupha khona yisendabeni yemali amaciko aphila ngayo ngoba izoba yinkinga indaba yobunikazi bomsebenzi. Ababhali bezingoma bathola imali ngokuthi babhalile. Abadlali bezinsimbi bathola imali ngokuthi badlalile.

"Laba abakhokhelwa ngokubhala izoya kubani leyo mali? Kuzoba nomthelela nakubadlali bezinsimbi ukuthi ngeke babizwe uma kuqoshwa," kusho uNduduzo futhi ongumculi we-jazz ohlonishwayo.

Uthe ubuhle bayo wukuthi umbono wengoma ungakufikela ebusuku kuse isiphelile isiphumela ebantwini.

Isolezwe からのその他のストーリー

Isolezwe

Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni

SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.

time to read

2 mins

January 28, 2026

Isolezwe

Basola ekamacashelana umsolwa ezicelela ukuhlolwa inggondo

BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.

time to read

1 mins

January 28, 2026

Isolezwe

llengelwa yizembe inhloko yoKlebe eKZN 'ebiwubhululu' kaMatlala

ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi \"Cat\" Matlala.

time to read

1 mins

January 28, 2026

Isolezwe

Kuvela okushaqisayo ngokufa kweqembu lomaskanda

KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.

time to read

1 mins

January 27, 2026

Isolezwe

OwaseNdlunkulu uqwashiswa yisingumo seNkantolo yoMthethosisekelo

UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.

time to read

1 min

January 27, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe

USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto.

time to read

1 mins

January 27, 2026

Isolezwe

Ibandla lakwaShembe liyathimula ngabacela ngezipho eziphezulu

IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seligxeke indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.

time to read

1 min

January 27, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa nokhozi kushona uNjinji

UPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla \"Njinji\" Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.

time to read

2 mins

January 26, 2026

Isolezwe

UNjinji ushone esenamakhono anhlobonhlobo

FANELESIBONGE BENGU UMANDLA \"Njinji”/Njinji Wami Magwaza oshone ngoMgqibelo, ubedabuka eJozini.

time to read

1 min

January 26, 2026

Isolezwe

Unengwe 'umfowabo owazibulala' ngokumfaka kumshwalense wesigidi engazi

USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.

time to read

2 mins

January 23, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size