Ziyivivele iFluminense izethenjwa zeDowns kowe Fifa
Isolezwe
|June 25, 2025
UKUVALELEKA ekhoneni kweMamelodi Sundowns ngokuthi kufanele iwunqobe noma yikanjani umdlalo wokugcina ka-Group F neFluminense, kwenza leli qembu laseChloorkop libe yingozi ngokwadlulele ezitheni zalo zaseBrazil, kwiFifa Club World Cup abazodudulana nazo namuhla ngo-9 ebusuku, eHard Rock Stadium, eMiami. Lokhu kuvele ezinkulumweni zabadlali beSundowns, uThapelo Morena noMarcelo Allende, ngesikhathi bedlana indlebe nethimba labezindaba leSundowns ngalo mdlalo obhekwe ngabomvu.
ISundowns esendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu kwi-log ka-Group F, imelwe wukungoba kwiFluminense eqhwakele ngamane kulandela iwini yayo kwi-Ulsan HD nokucazelana ngamaphuzu neBorussia Dortmund kweyokuqala emibili.
Labo mpetha beBetway Premiership sebephenduke izintandokazi zabalandeli bakanobhutshuzwayo emhlabeni wonke kulandela ingcwenga yebhola abalidlale bebhincisela nxanye iDortmund ehlonishwa i-Europe yonke.
Sekungumlando ukuthi iSundowns ike yalandela ngemuva ngo 4-1 kulo mdlalo ogcine uphele ngo 4-3 kuwina iDortmund ngempelasonto edlule, eCincinnati.
このストーリーは、Isolezwe の June 25, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Eyokubhiyozela ukulotsholwa kukanamba 2 enenge umkaFelix
EYOKUKHONJWA ukuthi alungise izibiliboco zokubhiyozela ukuhamba kahle kwezingxoxo zelobolo likamnakwabo, kuthiwa yikho okudine uTracy Smith-Hlophe, oyinkosikazi yomsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe, yaze yaphimisela amazwi athi: \"Sekungaphezu kwamandla\".
1 mins
December 29, 2025
Isolezwe
Impunyela isola uMkhwanazi ngokuyihlanganyela nezimbangi
USOLA uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ophethe amaphoyisa KwaZulu-Natal, usomabhizinisi uMnuz Calvin Mathibeli ngokugasela kwamaphoyisa emzini wakhe ngesonto eledlule.
1 mins
December 29, 2025
Isolezwe
Kukinatelwe ingquphunga nexhegu ngokushayela bephuzile
UKHALELWE amasongo kaSigonyela usomathenda waseGoli, ebanjwa amaphoyisa omgwago KwaZulu-Natal, eshayela ebudlonyile.
1 min
December 29, 2025
Isolezwe
Siyaqhubeka isikhalo soxhaso kubahleli bemicimbi
UMHLELI weDurban Jazz Festival uthi ukugqoza koxhaso kuzoyiqeda imicimbi emikhulu ezakhele igama KwaZulu-Natal
1 min
December 29, 2025
Isolezwe
Bakhale nangobunzima buka-2025 osaziwayo
BABONGA ukuthi baficwe yisikhathi sikaKhisimusi osaziwayo abahlukene bakuleli yize bethi unyaka ka-2025 ubunezinselelo zawo ezihlukene.
1 mins
December 24, 2025
Isolezwe
Basale bebamba amakhanda isihlobo 'sibulala' itshitshi lemuliswa
USATHUTHUMELA umndeni wetshitshi laseMbabane, eMsinga, okuthiwa libulawe yisihlobo ngeSonto, lilungiselela ukungena emgonqweni womemulo.
1 mins
December 24, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile kubulawa owalaxaza imboni yamatekisi
UDUKUZA ebumnyameni umndeni wakwaXulu eNyamazane, KwaMaphumulo, ngemuva kokuba uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngoMsombuluko ebusuku.
1 min
December 24, 2025
Isolezwe
Izinkanyezi
ARIES: Mar 21 - Apr 19 SEBENZA ngokuzimisela nokuzikhandla, ugxile emsebenzini wakho kusukela ekuseni
2 mins
December 24, 2025
Isolezwe
OwezeMpilo uphika eyokuvalelwa kwesiquli esibhedlela
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uchitha izinsolo zokuthi uvimba esinye seziguli ezisesibhedlela iCathrene Booth, esaziwa ngokuthi yiSalvesh, eMatigulu, enyakatho yesifundazwe - ukuthi sidedelwe emva kokuphothula uhlelo lokusinquma unyawo.
1 min
December 24, 2025
Isolezwe
Imicimbi wayawaya eKZN
*Kuzobe kuhlephuka imbadada kwiTshatha Music Festival eLindizwe Stadium, KwaNongoma, lapho kuboshelwe khona uMthandeni SK, Khuzani, Somnandi, Big Zulu, Jumbo, Mayoghurt, Gatsheni, Dladla Mshunqisi, Limit, Menzi, Bahubhe, Ntencane, Njabulo Langa, Umafikizolo, Malini, Ijongo Elihle, Inkosi Yamagcokama, Qwabe Twins, Dumakahle, Sminofu, Sgwebo, Mbeje, Siya Ntuli, Mdumazi, Jaiva Zimnike, Stability, Swidi Gcabashe, NND International, MfokaMsezane nabanye.
1 min
December 24, 2025
Listen
Translate
Change font size

