Ziyivivele iFluminense izethenjwa zeDowns kowe Fifa
Isolezwe
|June 25, 2025
UKUVALELEKA ekhoneni kweMamelodi Sundowns ngokuthi kufanele iwunqobe noma yikanjani umdlalo wokugcina ka-Group F neFluminense, kwenza leli qembu laseChloorkop libe yingozi ngokwadlulele ezitheni zalo zaseBrazil, kwiFifa Club World Cup abazodudulana nazo namuhla ngo-9 ebusuku, eHard Rock Stadium, eMiami. Lokhu kuvele ezinkulumweni zabadlali beSundowns, uThapelo Morena noMarcelo Allende, ngesikhathi bedlana indlebe nethimba labezindaba leSundowns ngalo mdlalo obhekwe ngabomvu.
ISundowns esendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu kwi-log ka-Group F, imelwe wukungoba kwiFluminense eqhwakele ngamane kulandela iwini yayo kwi-Ulsan HD nokucazelana ngamaphuzu neBorussia Dortmund kweyokuqala emibili.
Labo mpetha beBetway Premiership sebephenduke izintandokazi zabalandeli bakanobhutshuzwayo emhlabeni wonke kulandela ingcwenga yebhola abalidlale bebhincisela nxanye iDortmund ehlonishwa i-Europe yonke.
Sekungumlando ukuthi iSundowns ike yalandela ngemuva ngo 4-1 kulo mdlalo ogcine uphele ngo 4-3 kuwina iDortmund ngempelasonto edlule, eCincinnati.
Diese Geschichte stammt aus der June 25, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

