試す 金 - 無料
Umhlaba ubheke kwalasha kanye nonguboziyeweni
Isolezwe
|June 20, 2025
NGIBUYE ngizididekele mina. Ngicela ukubuza sakuhleba kule nkundla. Angibuzi ngoba ngithi phendulani kodwa ngithi ake uziphendule ngokwakho kulo mcabango enginawo:
Kuyenzeka yini ukuthi uthi usubona ukuthi isikhathi sakho "sesiwukotathu ethuneni", bese ufikelwa ukuthi, zama ukwenza konke owahluleka ukukwenza usaphiwe impilo nethuba ebuncaneni?
Ngifikelwe yilo mbuzo ngibuka konke okwenzeka njengamanje eMiddle East, lapho i-Israel eholwa nguNdunankulu uBenjamin Netanyahu igotha kwasani eyakhelene nakho. Akusekho lutho eGaza, amanxiwa nje nemigede esidalwe amabhilidi aphihlizwe ukuhlaselwa. Manje sebengenele i-Iran.
Kulena eqhubeka phakathi kweIsrael ne-Iran, iyacibana sikhuluma nje ngemikhonto yesimanje ethunywa ngokucofoza, itshuze ize iyokhafula isankahlu lapho iwele khona. Nxa zombili njengoba i-Israel ikhipha amangwevu kanti ne-Iran ithi ngeke ngingqongqothwe ekhanda omunye umfana, ngapha uMengameli Donald Trump waseMelika uyayivubela ngokuthi ancome okwenziwa yi-Israel. Abaningi vele banuka yena ngokuthi njengoba kuqhubeka kubhujiswa kwabantu kule mpi, uyagxumagxuma kuhle kwabafana bedlala ucabhayiyane emvuleni.
このストーリーは、Isolezwe の June 20, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

