試す 金 - 無料
Uthembisa ukubeka phambili ukuthuthuka kwezokugijima obuyele kwesokuhola
Isolezwe
|June 17, 2025
USTEVE Mkasi obuyiselwe esikhundleni sokuba ngumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) okhethweni obelungempelasonto uthembisa ukuqhubeka lapho egcine khona ekuholeni le nhlangano yezokugijima esifundazweni njengoba esethatha ihlandla lesibili.
UMkasi udle umhlanganiso okhethweni lweKZNA obelungoMgqibelo eWestville, eThekwini, ehlula ngamavoti abebanga nabo isikhundla sokuba ngumengameli okunguSello Mokoena, Mandla Mngomezulu, Chris White noRomeo Hulane.
Kulolu khetho amanye amakilabhu awawathumelanga amagama abantu abazovota okuholele ekutheni ukhetho luqale sekuhambe isikhathi, njengoba kuthiwa wonke amakilabhu atshelwa ukuba athumele amagama abantu abazokuba yingxenye yokhetho kodwa abanye abangakwenza lokho.
Phakathi kwamakilabhu okuvela ukuthi kawakwazanga ukuvota kulolu khetho iHollywood Athletics Club, Phantane neMaxed Elite.
このストーリーは、Isolezwe の June 17, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith
KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing
SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Basabisa ngokuduba Impucuzeko ngenxa kaTshatha
BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide \"Tshatha\" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Umaskanda uyokwenza izifundo zobunjiniyela
NKOLELO yokuthi umaskandi wumculo wabantu abangancwadile sekuyinto yayizolo.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric
SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.
1 mins
January 13, 2026
Isolezwe
Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele
LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.
1 min
January 13, 2026
Isolezwe
Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni
UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu
IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Listen
Translate
Change font size
