कोशिश गोल्ड - मुक्त
Uhulumeni ukhuthuza abampofu ngesekisi alidlala ngabokufika
Isolezwe
|July 10, 2025
LIYIMBUDANE isekisi eliqhutshwa yiziphathimandla zezwe ngabokufika abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho.
-
Ngisho isiyabhuyabhu sendawo siyazi ukuthi ikhaya yikhaya ngemingcele, igceke, isibaya namasimu. Akekho umzali olala kuthe gengelezi kwakhe ngoba phela ekhaya kukhosela kulo izingane okumele zivikeleke futhi zingancindelwa muntu.
Njengoba uhulumeni sambeka waba ngumnikazi wekhaya lethu esilibiza ngeNingizimu Afrika, uhlulwa yini ukuba nezinseka eziyimvelo kumzali, abeke phambili izingane zakhe? Khaya lini leli okungena kulona nanoma ubani avule ibhodwe aphake, kube vele izingane zalo zibulawa yinkemane? Ngabe uhulumeni ulindele ukuthula noxolo ekhaya uma evumela nofohlile angene achanase egcekeni, azithathele ngisho okuncane okulingene izingane zekhaya, kubangwe imvuthuluka, bese izingane zakhe zincele izithupha?
Kule mihla wonke amazwe ayadingana futhi asingelifihle iqiniso elithi bayadingeka abokufika abayizinjulabuchopho nabawusizo ezweni. Kayikho nenkinga yokuvakashelwa ngabokufika ngaleso sikhathi esibekiwe, bese begoduka. Siyazwelana nababaleke emazweni abo babhaciswa kuleli. Esikulindele ukuthi konke kwenziwe ngohlelo oluhloniphekile futhi kubekwe eqhulwini abantu baseNingizimu Afrika.
NgokukaNgqongqoshe oseHhovisini likaMengameli, uhlelo lokubalwa kwabantu eNingizimu Afrika olubizwa nge-Census lwadla u-R4 billion. Sancengwa ngokubaluleka kwalo ukuthi kumele lwenziwe ukuze lusize uhulumeni ahlele kahle esazi ukuthi bangakanani abantu emiphakathini okumele baphakelwe - ngokwezibalo zalo - izidingo nengqalasizinda. Ufuduko lwabantu bengena ezweni ngaphandle kwemvume lucekela phansi lolu hlelo futhi kasiluboni ulaka lukahulumeni ngalokhu. Kunalokho, sibona eklomelisa ngensada yamalungelo abangene ngokungemthetho kuleli. Kunokuthi akhuze umhlola, uhulumeni ugqugquzela ukuba abafohlile bafukanyelwe yimiphakathi okugcina sekubangwa izinsiza ngoba nakhu phela imikhumiso kayizenele ngisho izintondolo ezivele zisekhaya.
यह कहानी Isolezwe के July 10, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

