कोशिश गोल्ड - मुक्त
Uphenyo ngowayesebenza kwaSassa oboshelwe 'ukuholela izipoki'
Isolezwe
|June 10, 2025
BAZOKWENZA olwabo uphenyo Iwangaphakathi abeSouth African Social Security Agency (Sassa), ngowesifazane owayeyisisebenzi sabo, obanjwe nenqwaba yamakhadi okuthiwa ubehola ngawo izibonelelo zikahulumeni ngokungemthetho.
Lokhu kushiwo okhulumela iSassa KwaZulu-Natal, uNksz Sandy Godlwana izolo.
Umsolwa (37) onesithabathaba somuzi eCamperdown, ngaseMgungundlovu, uboshwe ngoLwesine amaphoyisa ophiko lwezobunhloli iCrime Intelligence, ebambisene nalawo aphenya ubugebengu obuhleliwe, i-Organised Crime.
UNksz Godlwana uthe kuyiqiniso ukuthi kukhona owesifazane oboshwe amaphoyisa ngecala eliyamane nezibonelelo zakwaSassa.
"Umsolwa wayeqashwe iSassa ngaphansi kohlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP), phakathi kuka-Okthoba 2012 kuya kuSepthemba 2013," kusho uNksz Godlwana.
Uthe abakuthole ngamaphoyisa ukuthi ubanjwe namakhadi angu-180, okukhona kuwo awasemabhange ahlukahlukene, kanjalo nawakwaSassa.
यह कहानी Isolezwe के June 10, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'
UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.
1 mins
January 06, 2026
Isolezwe
UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka
UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK
UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile
KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane
ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Listen
Translate
Change font size
