Intentar ORO - Gratis
Ibandla lizoya kokhalaza ngqo kuMbhishobhi omisa uFata onobungoma
Isolezwe
|March 09, 2026
A ZOZIHAMBISELA ngokwawo izikhalazo zawo kuMbhishobhi oMkhulu uMandla Jwara, ophethe iDayosisi yaseThekwini, esontweni lamaRoma aKhatholika, amalungu ePherish yasePinetown, iThe Immaculate Conception Church
Lokhu kuza emva kokuba kumenyezelwe emasontweni amathathu edlule, ukuthi uFata Sifiso Ndlovu onomoya wobungoma ushaywe ngesithende. Incwadi kuthiwa iwakhalise mi izinyembezi amalungu aleli pherishi kuvela ukuthi impelasonto yePhasika kuyobe kungeyokugcina uNdlovu esontisa kuleli bandla.
Akuyena yedwa uNdlovu "ofakwa umgxala", njengoba kuvele amalungu epherishi yaseMontclair, akhala esifanayo ngoFata Thembelani Ngcobo, naye okuthiwa unomoya wobungoma, ogudluzwe ngendlela efanayo.
Ilungu lepherishi elaziwa kakhulu kwezomculo, uThokozani "Tzozo" Zulu lithe emva kokufundwa kwencwadi ebandleni, eyayazisa amalungu ukuthi uzogcina maduze uFata, kube khona isikhalo esikhulu.
"Amalungu ebandla awazange azamukele kahle lezi zindaba. Siphatheke kabi ngoba sisuka kude noFata. Efika la eminyakeni emihlanu edlule, ibandla belinabantu abanela amabhentshi amabili kuphela. Namuhla ligcwele phama isonto ngenxa yakhe," kusho uTzozo.
Uthe uFata ungumholi ohlangabezana nomuntu lapho ekhona, wathi uma umuntu edinga ukwelashwa ngokomoya, uNdlovu uba yilokho. Uma umuntu edinga indlebe, uphinde amnike yona.
Esta historia es de la edición March 09, 2026 de Isolezwe.
Suscríbete a Magzter GOLD para acceder a miles de historias premium seleccionadas y a más de 9000 revistas y periódicos.
¿Ya eres suscriptor? Iniciar sesión
MÁS HISTORIAS DE Isolezwe
Isolezwe
Kuphendulwe ihlaya ukubuya kwe-Top Billing
KUPHENDULWE ihlaya ngokuthi kumele kuphenywe kanzima abazobonakala bekhombisa imizi yabo esezingeni eliphezulu, uma sekukhonjiswa uhlelo i-Top Billing, ezoqala ukubonakala ngo-Ephreli 30, ngo-7 ebusuku, kuS3
1 mins
April 20, 2026
Isolezwe
Bathembisa lukhulu ngokubuya komcimbi Ugu Jazz Festival
KULINDELEKE ukuthi kube noxhaxha lwemicimbi oluzobe yandulela umcimbi omkhulu woGu Jazz Festival ngoJuni 27, kulo nyaka
1 min
April 20, 2026
Isolezwe
Kushube isimo iziphathimandla ziqanganisela 'Abafundi bakaJesu'
'UZOBANGCWABA laba bantu weSibiya, qhubeka nje ubayeke bengawadli amaphilisi uzobona
1 mins
April 17, 2026
Isolezwe
Zesuliwe izinyembezi zikaMama Joy oya kwindebe yoMhlaba
ZESULIWE izinyembezi zomthandi webhola, uMama Joy Chauke, njengoba ethole uxhaso lokuyobuka bukhoma iNdebe yoMhlaba yeFifa ezoqala ngoJuni 11, eMexico, Canada nase-United States of America.
1 min
April 17, 2026
Isolezwe
Ithemba ngekhambi lesifo sikashukela eliphekwa Kwa Mhlabuyalingana
INDAWO edume ngamakhambi esintu, uMhlabuyalingana, ingase ingene emlandweni wokuqhamuka nekhambi lokwelapha isifo sikashukela
1 min
April 16, 2026
Isolezwe
Ichazwe njengomuntu obenenhlonipho ingwazi yeMambazo engasekho
ZOQALA ngokungcwatshwa kuqala ngo-8 ekuseni, bese kulandela inkonzo yomngcwabo wayo ingwazi engasekho yeLadysmith Black Mambazo, u-Albert Mazibuko (77), eshone ngeledlule esibhedlela, ngemuva kokugula isikhashana
1 mins
April 16, 2026
Isolezwe
Indida ngobufakazi obusha ngokubulawa kwephoyisa loMkhandlu we Theku
UVEZE ubufakazi obusha ayengabuvezanga kwisitatimende esifungelwe sokuvuma icala, uNongcebo Faith Ntombela, ecaleni lokubulawa komyeni wakhe, owayeyiphoyisa eMkhandlwini weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela
3 mins
April 16, 2026
Isolezwe
ObeseKhozini ubuyele kwezemfundo wahlomula nango-R2.8 million
KUFAKAZELEKE isisho sesiZulu esithi, \"ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye\" kowayengumsakazi woKhozi FM, uLucky Nkosi, osekuvele izindaba zokuthi ubuyela emkhakheni wezemfundo ayevele ewusheba nokusakaza
1 mins
April 15, 2026
Isolezwe
INdlunkulu ibuyele obhukwini lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu
SELUPHINDE lwavutshelwa kabusha uthuthuva lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, obekucatshangwa ukuthi usuphelile kulandela ukuvumbuka kwenselelo ephonswa uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ofuna iNkantolo yoMthethosisekelo ibuyekeze isinqumo esavuna ubukhosi beSilo uMisuzulu kaZwelithini
1 mins
April 15, 2026
Isolezwe
Umculi ugqugquzela ozakwabo ukungenela iComrades
UMCULI oyilungu leqembu i-Afrosoul ufuna ukugqugquzela ozakwabo ngokubaluleka kokuzivocavoca ukuze bagweme izifo
1 mins
April 15, 2026
Listen
Translate
Change font size

