Izolala ibonene kubalaleli boKhozi nabeGagasi
Isolezwe
|December 31, 2025
NAMUHLA kunamuhla kubathandi bobumnandi baKwaZulu-Natal, njengoba kunoxhaxha lwemicimbi emadolobheni akulesi sifundazwe
Ngakho abanye abathandi bobumnandi abazi bawabhekise kuphi amabomboNgaphandle kwemicimbi, izindlebe zizobe zilindele impi ephakathi koKhozi FM neGagasi FM. Ukuqiniswa kwesikimu seGagasi FM ngoLinda "Mr Magic" Sibiya noLungisani "Selbeyonce" Mkhize kwenza abanye bazitshele ukuthi Ukhozi FM lungase ludlele ogageni.
Yize kungakacaci ukuthi Ukhozi luzobe luhlasela ngabaphi abasakazi kodwa abantu abaningi bazobe befuna ukuzwa ukuthi ngubani ozogcina edle umhlanganiso phakathi kukaMawhoo noMafikizolo njengoba kuyibo ababukeka besethubeni lokuthatha ubhedu. Nakuba Umafikizolo egcine ezihola phambili ngengoma kamaskandi ethi Uyoncengwa Unyoko kodwa noMawhoo ubengazibekile phansi ngamavoti ngengoma yakhe yamapiano ethi Bengicela. Nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, uthe uzobe esakaza bukhoma kwingizwe Online nentokazi ayethula nayo iRoots kwiSABC1 uTebogo Mahlaela.
Ngakho akwaziwa ukuthi izogcina izale nkomoni. Uhlu oluphelele lwemicimbi yanamuhla lumi kanje:
NAMHLANJE
*ZIYAWA kwiKZN Year End eWembezi Stadium e-Estcourt, kusukela ngo-5 ntambama. Kuzobe kushiyelana inkundla Umafikizolo, Khuzani, Mthandeni SK, Dladla Mshunqisi, DJ Tira, Naledi Aphiwe, Sminofu, Menzi Mabizela, Nkeshemba, Mjolisi, Jumbo, Malusi Mbokazi, Ayanda Ntanzi, DJ Happy Gal, Babes Wodumo, Mzukulu, Inkonjane Emnyama, Q Twins, Phakamile Weza, CR-7 Amathonado, DJ Bongz, Nkanyiso Miya, Bullistic, Sosha, DJ Melz, Sparks Bantwana, Navigator, Mvuselelo Buthelezi, Iscukuthwane, Falabo, Jikijiki, Uphakade Akagugi, Ochopho, DJ Mekahle, DJ Irvin, DJ Boonaizer. Abaphathi bohlelo ngoTshatha, Zimdollar, Dulas, Gap Nganengane, Guzasta noGwala Lindo. Kungenwa mahhala.
Esta historia es de la edición December 31, 2025 de Isolezwe.
Suscríbete a Magzter GOLD para acceder a miles de historias premium seleccionadas y a más de 9000 revistas y periódicos.
¿Ya eres suscriptor? Iniciar sesión
MÁS HISTORIAS DE Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

