Vuélvete ilimitado con Magzter GOLD

Vuélvete ilimitado con Magzter GOLD

Obtenga acceso ilimitado a más de 9000 revistas, periódicos e historias Premium por solo

$149.99
 
$74.99/Año

Intentar ORO - Gratis

Bakhala ngohulumeni abezikhukhula abaphenduke ondingasithebeni

Isolezwe

|

July 11, 2025

BAKHALA ngohulumeni abathi udlala ngabo abayizisulu zezikhukhula, abaphenduke ondingasithebeni bekhishelwa emnyango ehhotela ebebegobe kulo amadlangala iBayside eThekwini ngoLwesithathu ekuseni, balala emgwaqweni.

- ZIMBILI VILAKAZI

Baququdwe amakhaza, bashiswa nayilanga ngoba bengenayo enye indawo abebezoya kuyona ngenxa yokuthi bebesalinde ukuthi uhulumeni aphinde ababhekele enye indawo abebezogoba kuyo amadlangala.

Ibalelwa ngaphezu kuka-70, imindeni ebihleli kuleli hhotela, isuka ezindlini ezingamathini eLamontville ngoFebhuwari kulo nyaka, kulandela ukukhahlanyezwa yizikhukhula. Libakhiphela ngaphandle ihhotela, likhale ngokungakhokhelwa wuhulumeni imali yerenti.

Ngesikhathi lifika Isolezwe kule ndawo izolo, izimpahla zabo bezikleliswe onqenqemeni lomgwaqo ngaphandle kwehhotela. Kuzona bekukhona izimpahla zokugqoka nezokulala. Kubona bekukhona abesifazane, abesilisa, izaguga nezingane ezincane.

Okhulumela uMnyango wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Ndabezinhle Sibiya, udalule ukuthi ibalelwa kuR185 million imali esikhokhwe wuhulumeni emahhotela nasemafulethini okuhlaliswe kuwo abakhahlanyezwa yizikhukhula. Uthe inguR128 million imali edingwa wuhulumeni ukuze uqhubeke ukhokhele abangu-1 200 abasala dengwane ngenxa yezikhukhula.

MÁS HISTORIAS DE Isolezwe

Isolezwe

Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

time to read

1 min

November 07, 2025

Isolezwe

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

time to read

1 min

October 29, 2025

Isolezwe

Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

time to read

1 min

October 28, 2025

Isolezwe

Isolezwe

HALALA BAFANA BAFANA!

KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Kwaze 'kwabhizi' eMzansi

EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)

time to read

1 min

October 10, 2025

Isolezwe

'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'

U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'

time to read

1 min

September 03, 2025

Isolezwe

Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela

KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick

time to read

1 min

September 02, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile

UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.

time to read

1 min

August 27, 2025

Isolezwe

Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume

INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha

time to read

1 min

August 20, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size