Intentar ORO - Gratis
UMaema ezintangeni ngekusasa lakhe kwiSundowns
Isolezwe
|June 12, 2025
UKUBA yingxenye yesikwati esiya kwiFifa Club World Cup ese-United States of America (USA), kukaNeo Maema, kumqinisa idolo ngokuthi ikusasa lakhe alintengi kwiMamelodi Sundowns.
Lokhu kuphume emlonyeni wakhe lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ngaphambi kokungena endizeni neSundowns ezoqala lo mqhudelwano ne-Ulsan HD yaseSouth Korea ngoJune 18 phakathi kwamabili, e-Inter & Co Stadium, e-Orlando, Florida.
Ukubonakala enkundleni kukaMaema emidlalweni engu-17 (eqale emihlanu) kwengaphezulu kuka-50 edlalwe yileli qembu
ngokwahlukana ngesizini edlule, kwenze kwabukeka sengathi usendleleni ephumayo eChloorkop nakuba enenkontileka ezophela ngoJuni 2026. Lokhu kuphinde kwaqiniswa nawukudedelwa kwakhe ukuthi ajoyine ikhempu yeBafana Bafana ebihlungela i-African Nations Championship (Chan) ngesikhathi iSundowns ibadinga khona bonke abadlali bayo.
Esta historia es de la edición June 12, 2025 de Isolezwe.
Suscríbete a Magzter GOLD para acceder a miles de historias premium seleccionadas y a más de 9000 revistas y periódicos.
¿Ya eres suscriptor? Iniciar sesión
MÁS HISTORIAS DE Isolezwe
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Listen
Translate
Change font size
