Versuchen GOLD - Frei
URayners uxwayisa abeSundowns kwiFifa Club World Cup
Isolezwe
|June 19, 2025
UJABULE sakuzikhuza umgadli weMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, okube wubuqhawe bakhe obufake u-R210 million ephaketheni laleli qembu eliyiqale ngewini iFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA) kuze kuba uJulayi 13.
URayners (30) ophikelwe amagoli amabili yi-Video Assistant Referee (VAR), uwinise iSundowns ngo 1-0 emdlalweni ka-Group F ibhekene ne-Ulsan HD yaseSouth Korea ezintatha zayizolo e-Inter & Co Stadium, eFlorida, e-USA.
Ngenxa yombani, lo mdlalo uqale sekudlule ihora esikhathini obekufanele uqale ngaso.
“Angikwazi ukufihla injabulo yokuqala ngamaphuzu amathathu ngoba lokhu kufakazela ukuthi konke ebesihlele ukukwenza sihlale kukona kwaze kwaba umdlalo uyaphela,” kusho uRayners esithangamini nabezindaba esiqoshwe yithimba laleli qembu labezindaba ngemuva komdlalo.
Diese Geschichte stammt aus der June 19, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'
UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.
1 mins
January 06, 2026
Isolezwe
UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka
UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK
UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.
1 min
January 05, 2026
Listen
Translate
Change font size
