يحاول ذهب - حر

Kuse ngokunye belahlwa icala lokubulala umfundi

July 10, 2025

|

Isolezwe

KUHLWE emini kubamangalelwa ababili ebebesolwa ngecala lokubulala ngesihluku umfundi waseDurban Girls Secondary, ijaji libalahla ngecala lokubulala eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo.

- ZIMBILI VILAKAZI

Kuse ngokunye belahlwa icala lokubulala umfundi

USfundo Bhengu (39), ongummangalelwa wokuqala futhi ongumakhelwane kamufi noBongani Jali (28), ongummangalelwa wesibili, balahlwe yicala lokugwaza babulale uWandile Ngcobo (17) owayefunda uGrade 11.

Isigameko senzeka ngesikhathi esele yedwa kubo kwa-U eMlaza, ngoMeyi, ngonyaka odlule. Ijaji uGarth Harrison, libasukumisa oBhengu noJali lithe: "Ecaleni lokuqala lokugqekeza, nginikhipha phambili nobabili. Kwelesibili lokuphanga ngaphansi kwezimo ezinzima, nginithola ninecala nobabili bese kuthi kwelesithathu, elokubulala, nginilahla ngecala nobabili."

Ngaphambi kwalokho, uHarrison ucacise eyokuchitha ubufakazi babo bobabili abalahlwe yicala, wagxila kakhulu kummangalelwa wesibili.

"Inkantolo ayikukholwa uma uthi awuzange uzibandakanye ebugebengwini. Ubufakazi bakho buyashintshashintsha," kusho uHarrison.

المزيد من القصص من Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

'Uvume elokubulala umakhelwane' emsola ngokuntshontshana nomkakhe

UBESOLA umufi ngokuntshontshana nomkakhe umakhelwane ozinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ngelokubulala owesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, owaduka ngasekupheleni konyaka odlule.

time to read

1 mins

January 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Ukugula kwenza uL'vovo wasaba ukuphumela phandle

UMCULI we-kwaito, uL'vovo Derrango, ugonyuluke ngobuhlungu bokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2022, athi kwamenza wasaba ngisho ukuphuma phandle abonwe ngabantu.

time to read

1 min

January 19, 2026

Isolezwe

Kuhliphizwe isidleke samaphara emgwaqweni ongenela e Thekwini

UMASIPALA weTheku ugcine uyisukumele eyokususa abantu abadla izidakamizwa bese begcaluza ngezinyawo emgwaqweni uChe Guevara ongaphansi kowuthelawayeka u-M4, obheke eningizimu.

time to read

1 mins

January 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kugalwe umkhankaso wokunikelela ophume kwiBig Brother Mzansi

SEKUQALWE umkhankaso wokuphosa imali yokweseka uMarcia \"Cia\" Morata okhishwe ohlelweni iBig Brother Mzansi ngoLwesihlanu ebusuku, emuva kokubanjwa umunyu wakhala ngenxa yezifo eziyamaniswa nengqondo.

time to read

1 min

January 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uthisha ocula umaskandi ugile izimanga ku-matric

UMCULI kamaskandi obalwa nabahamba phambili kulezi zinsuku, uKhetha \"Maganga Thishela\" Mlotshwa, uhambela phezulu kulezi zinsuku emuva kokuthi isifundo sakhe siphaswe ngo-100%.

time to read

1 min

January 16, 2026

Isolezwe

Usizi kothisha abangatohozi beqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo

ABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.

time to read

2 mins

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owokholo ubalisa ngokushona kukazakwabo

NGWAZI yomculo wokholo, uMfu Sam \"Makitaza\" Zondi, ibalise ngokudlula emhlabeni kukazakwabo uNoxolo \"Before\" Biyela weMvuselelo Yesizwe.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Ochaze uBig Zulu kwiLast Dance akaphoxanga naku-matric

IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.

time to read

1 min

January 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith

KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.

time to read

1 mins

January 14, 2026

Isolezwe

Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing

SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.

time to read

1 min

January 14, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size