يحاول ذهب - حر
Umkhakha wezomthetho unezigaba eziningi okumele uziqonde
June 18, 2025
|Isolezwe
BUHLUNGU obaziwa abazali kanye nezingane ngonyaka ka-1976 bungelinganiswa nalutho. Yilapha impi yokulwa nobandlululo nokucindezelwa komuntu omnyama yabhekiswa ezinganeni, kwavuleka elinye ikhasi lobandlululo olwalubhekiswe ekuqinisekweni ukuthi imfundo etholwa omuntu omnyama ayingabi sezingeni elingamnikeza ikusasa eliqhakazile.
-
Kwakuthiwa akube yimfundo encane, eyomsebenzi nje ongenawo amagalelo amahle nazothuthukisa wena kanye nezwe lakho. Angisayiphathi-ke eyokuholelwa, le mfundo yayithi wena muntu omnyama oyohlezi ule phansi. Ngisho ukungena emikhakheni eminye kwakuyinto okwakungathi ifanele abelinye ibala, hhayi thina. Nasendimeni yezomthetho akubanga lula ukuqeqeshwa uphinde usebenze njengommeli. Bekungelula futhi kunencindezelo enkulu.
Abahlahli bendlela obaba uNelson Mandela, Walter Sisulu, Adv Duma Nokwe, Mnuz Griffiths Mxenge noMama uMxenge ezinye zezingqalabutho eziyibambe ishisa kuze kufikwe lapha sikhona. Bavule amasango ukuze nathi sikwazi ukungena kulo mkhakha wezomthetho.
Noma ukuthola umsebenzi sekunzima, kodwa kubalulekile ukuthi sicobelelane ngolwazi kulabo abafisayo ukungena ukuze bazilungiselele kahle. Umkhakha wobumeli uhlukene izigaba eziningi. Kukhona abameli ababizwa ngama-legal practitioners, nawo ahlukana ngoba kukhona no-advocate khona lapho. Umehluko ukuthi i-advocate iqala ukuxhumana namalungu omphakathi ngokucelwa noma ukuthunywa ama-attorneys. Bese kuva khona ama-consultant nama-legal advisors, iningi labo basuke besebenza ngaphakathi ezinkampanini ukuze beluleke bengaphakathi abaphathi balezo zinkampani.
هذه القصة من طبعة June 18, 2025 من Isolezwe.
اشترك في Magzter GOLD للوصول إلى آلاف القصص المتميزة المنسقة، وأكثر من 9000 مجلة وصحيفة.
هل أنت مشترك بالفعل؟ تسجيل الدخول
المزيد من القصص من Isolezwe
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Listen
Translate
Change font size
