Denemek ALTIN - Özgür
Unengwe 'umfowabo owazibulala' ngokumfaka kumshwalense wesigidi engazi
Isolezwe
|January 23, 2026
USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.
UMnuz Nhlakanipho Mthethwa (54) uthe usekhethe ukuba amane amvulele icala umfowabo ngesenzo sakhe athi simnengile kakhulu futhi simshiye nemidlinzo. Uma elandisa, uveza ukuthi lo mshwalense uvulwe kwa-Old Mutual ngoMeyi 2024.
Isolezwe linayo ikhophi yase-Old Mutual eveza ukuthi ngempela lo mshwalense uvuliwe. UMthethwa uthe uthole ngalokhu ngesikhathi eye egatsheni lakwa-Old Mutual, kukhona ayokwenza kanti uzozithela kule mpicabadala yensumansumane.
“Osebenza khona kwathi uma ebona izinto zami wase eyangibuza ukuthi ngiyazi yini ngomshwalense wesigidi samarandi ovulwe egameni lami? Ngamtshela ukuthi kangazi. Uvele wanginikeza amaphepha avezayo nokuthi uvulwe ngumfowethu.”
Uthe noma ehamba usethuka izanya ngoba uyazi ukuthi kunomuntu okubheke ngabomvu ukuhlomula ngezindodla zemali uma kwenzeka yena edlula emhlabeni.
“Angikaze ngizihluphe nangokumbuza ngoba saxabana kudala naye eqala eveza ukuthi ungumuntu onjani. Akanalo nje ulwazi lokuthi ngiyazi ngomshwalense angivulele wona,” usho kanjena.
UMthethwa uthe isenzo simcabangise izinto eziningi ngoba uyamazi umfowabo ukuthi uyiluphi uhlobo lukapende.
“Uyabona mfowethu, lo muntu wafa ngo-2015 wavuka ngo-2023,” echaza ebheke phansi enikina nekhanda.
Bu hikaye Isolezwe dergisinin January 23, 2026 baskısından alınmıştır.
Binlerce özenle seçilmiş premium hikayeye ve 9.000'den fazla dergi ve gazeteye erişmek için Magzter GOLD'a abone olun.
Zaten abone misiniz? Oturum aç
Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE
Isolezwe
Unengwe 'umfowabo owazibulala' ngokumfaka kumshwalense wesigidi engazi
USEVULE icala futhi uvutha engabaselwe owesilisa waseShowe othi uvulelwe ngumfowabo angamethembi umshwalense wesigidi samarandi engazi.
2 mins
January 23, 2026
Isolezwe
UMafikizolo ubungazwa wuKhozi eThekwini
UMCULI kamaskandi uLethukuthula \"Umafikizolo\" Mhlongo uzobungazwa wuKhozi FM ezindlini zokusakaza kwiSABC namuhla emuva kokuhlukanisa unyaka kulesi sikhondlakhondla somsakazo
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
UNdoni uqhakambise uGandaganda ogqame ngokubhikla ingoma
UMCULI kamaskandi osemusha nongomunye wabangaconsi phansi kubalandeli kulezi zinsuku, uGandaganda, usedalule ukuthi iso elibukhali likazakwabo kule ndima futhi osengumphathi wakhe emculweni, uNdoni, yilona elisize ukuqhakambisa ikhono lakhe lokucula nokugida ingoma.
1 mins
January 23, 2026
Isolezwe
I-ANC isobishini 'ngokugweva' nemali yamaciko
I-AFRICAN National Congress (ANC) isobishini njengoba seyize yafakwa eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenxa yezinsolo zokugweva nemali yamaciko ewuR423 228, 75.
1 min
January 23, 2026
Isolezwe
Owe-ANC uyamaniswa nemoto eyathengela izinkabi ukudla
UMHOLI we-ANC, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uyamaniswa nemoto eyathengela ukudla izinkabi ezabulala ufakazi ecaleni lokubulala ayebhekene nalo
1 mins
January 22, 2026
Isolezwe
Ingxabano kujatshulelwa ingoma kaKwesta
UMDIDIYELI wezingoma ohlonishwa e-Afrika namaphethelo, uThemba \"DJ Maphorisa\" Sekowe, ubhoboke ngobuhlungu asezwiswe bona iminyaka eyisishiyagalolunye emuva kokuphrojusa unqambothi lwengoma yomrepha uSenzo \"Kwesta\" Vilakazi ethi Ingud.
1 min
January 22, 2026
Isolezwe
Ubonge ukwesekwa 'owatinyelwa' ngomzimba wakhe
NGESIKHATHI sinyuka isibalo sabeseka umkhankaso wokuthi kuvalwe iPiano Pulse Podcast kwiYouTube ngenxa yenkulumo \"egxeka\" uThatohatsi ngomzimba wakhe, lo mculi ubonge abamesekile.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Bathi ungenwe 'amadimoni' osole uMfundisi ngokumphuca ubuntombi
\"Ngabe senza elikhulu iphutha uma sivezela izwe lonke ukuthi unani owesifazane futhi njengebandla ngabe sikhombisa ubudedengu obukhulu.
1 mins
January 20, 2026
Isolezwe
Owamapiano uziqhathe noJulius Malema
KUSHAQEKE abantu abaningi ngesikhathi umholi we-EFF uJulius Malema esongela futhi egibela ngenhlamba umculi wamapiano uDaliwonga Matiwane ngeSonto ekuseni.
1 min
January 20, 2026
Isolezwe
Baphefumula ngoMbhishobhi osolwa ngokugwazela ijaji ngo-R2m
BAVUTHA bengabaselwe abefundisi bamahlelo ehlukene benhlangano, iReformed Independent Church Association (RICA) abasola isandla semfene ngokugqunywa ejele kukaMbhishobhi Michael Sandlwana webandla i-International Pentecostal Holiness Church (IPHC).
2 mins
January 20, 2026
Listen
Translate
Change font size

