Denemek ALTIN - Özgür
'Uvume elokubulala umakhelwane' emsola ngokuntshontshana nomkakhe
Isolezwe
|January 19, 2026
UBESOLA umufi ngokuntshontshana nomkakhe umakhelwane ozinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ngelokubulala owesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, owaduka ngasekupheleni konyaka odlule.
Umufi, uMnuz Kholwani Cele (34) waduka ebuya emsebenzini kwaClover, eNorthdene, eQueensburgh, ngasekupheleni kuka-Okthoba nyakenye. Kuthiwa umsolwa, ongumakhelwane, uzinikele emaphoyiseni aseMariannhill, ngoLwesihlanu, wagonyuluka ngokumbulala wase emphonsa emfuleni, uMngeni.
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Sbonelo Cele, bashayelwe ucingo umphenyi, ebatshela ngensumansumane kamakhelwane osefike wavuma icala lokubulala uKholwani.
"Kuthiwa uthe umbulalele ukuthi uthandana nomkakhe. Kuthiwa uveze nokuthi wayengeyedwa embulala, kukhona abanye besilisa ababili esibaziyo bendawo ayesizana nabo," kusho uCele.
Uthe kubashaqisile lokhu ngoba umsolwa ungumuntu ongubaba ebebezwana naye njengomakhelwane.
"Ubefika ekhaya axoxe nathi sonke, ngisho naye uKholwani, bebejwayelene nje impela," usho kanje.
Bu hikaye Isolezwe dergisinin January 19, 2026 baskısından alınmıştır.
Binlerce özenle seçilmiş premium hikayeye ve 9.000'den fazla dergi ve gazeteye erişmek için Magzter GOLD'a abone olun.
Zaten abone misiniz? Oturum aç
Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE
Isolezwe
'Uvume elokubulala umakhelwane' emsola ngokuntshontshana nomkakhe
UBESOLA umufi ngokuntshontshana nomkakhe umakhelwane ozinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ngelokubulala owesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, owaduka ngasekupheleni konyaka odlule.
1 mins
January 19, 2026
Isolezwe
Ukugula kwenza uL'vovo wasaba ukuphumela phandle
UMCULI we-kwaito, uL'vovo Derrango, ugonyuluke ngobuhlungu bokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2022, athi kwamenza wasaba ngisho ukuphuma phandle abonwe ngabantu.
1 min
January 19, 2026
Isolezwe
Kuhliphizwe isidleke samaphara emgwaqweni ongenela e Thekwini
UMASIPALA weTheku ugcine uyisukumele eyokususa abantu abadla izidakamizwa bese begcaluza ngezinyawo emgwaqweni uChe Guevara ongaphansi kowuthelawayeka u-M4, obheke eningizimu.
1 mins
January 19, 2026
Isolezwe
Kugalwe umkhankaso wokunikelela ophume kwiBig Brother Mzansi
SEKUQALWE umkhankaso wokuphosa imali yokweseka uMarcia \"Cia\" Morata okhishwe ohlelweni iBig Brother Mzansi ngoLwesihlanu ebusuku, emuva kokubanjwa umunyu wakhala ngenxa yezifo eziyamaniswa nengqondo.
1 min
January 19, 2026
Isolezwe
Uthisha ocula umaskandi ugile izimanga ku-matric
UMCULI kamaskandi obalwa nabahamba phambili kulezi zinsuku, uKhetha \"Maganga Thishela\" Mlotshwa, uhambela phezulu kulezi zinsuku emuva kokuthi isifundo sakhe siphaswe ngo-100%.
1 min
January 16, 2026
Isolezwe
Usizi kothisha abangatohozi beqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo
ABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.
2 mins
January 15, 2026
Isolezwe
Owokholo ubalisa ngokushona kukazakwabo
NGWAZI yomculo wokholo, uMfu Sam \"Makitaza\" Zondi, ibalise ngokudlula emhlabeni kukazakwabo uNoxolo \"Before\" Biyela weMvuselelo Yesizwe.
1 min
January 15, 2026
Isolezwe
Ochaze uBig Zulu kwiLast Dance akaphoxanga naku-matric
IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.
1 min
January 15, 2026
Isolezwe
KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith
KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing
SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.
1 min
January 14, 2026
Listen
Translate
Change font size
