Facebook Pixel Isilomo somsakazi silaxaze Ukhozi kungazelele muntu | Isolezwe - newspaper - Bu hikayeyi Magzter.com'da okuyun
Magzter GOLD ile Sınırsız Olun

Magzter GOLD ile Sınırsız Olun

Sadece 9.000'den fazla dergi, gazete ve Premium hikayeye sınırsız erişim elde edin

$149.99
 
$74.99/Yıl

Denemek ALTIN - Özgür

Isilomo somsakazi silaxaze Ukhozi kungazelele muntu

Isolezwe

|

June 18, 2025

BAGQEMEKE udume lwengozi abaphathi nabalaleli boKhozi FM, isilomo somsakazi uSelby "Selbeyonce" Mkhize, silaxaza lesi siteshi kungazelele.

- FANELESIBONGE BENGU

Isilomo somsakazi silaxaze Ukhozi kungazelele muntu

USelbeyonce ubesakaza uhlelo iWoza Nabangani Bakho noTshatha Ngobe ngo-3 kuya ku-6, Intambama phakathi nesonto. UTshatha uzoba ngumtshingo ubethwa wubani ngokuhamba kukaSelby.

Umthombo weSolezwe upotshoze ukuthi uSelby ugcina namhlanje ukuzwakala emoyeni.

"Mhlawumbe usuzwile kodwa uma ungakazi uSelby uyahamba. Abaphathi badidekile ngoba yinto abebengayilindele ngoba phela izinkontileka ezintsha zisanda kuqala manje ngo-Ephreli," kusho umthombo.

Uthe abaphathi bazamile ukumncenga ukuthi angashiyi, bathembisa nokumnyusela umholo kodwa wathi phinde, isinqumo usesithathile.

Isolezwe selingakuqinisekisa ukuthi lo msakazi ubuyela "ekhaya" kwiGagasi FM lapho aqala akhona ukusakaza.

Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE

Isolezwe

Isolezwe

Kuhlehle icala ngezinsolo zokudedelwa ngoshwele kwababoshelwe owe-e-hailing

LIHEHLISELWE uLwesithathu, ukuze umphenyi aqinisekise ukuthi kuyiqiniso noma kungamanga ukuthi bangaphandle ngoshwele abasolwa ababili, kwabathathu, abasolwa ecaleni elithinta umshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile nabagibeli bakhe.

time to read

2 mins

June 15, 2026

Isolezwe

Kugqame ubuhle bokuthandana kowe-picnic yezinkondlo

UMYALEZO wobuhle bothando, wubumgoka bokuthandana ngokweqiniso nokusebenzisa izindlela namasu okwehlukene ukukhombisana uthando - iyona ndikimba egqame kakhulu emcimbini wobuciko obuqala ukwenzeka nonyaka iGubhela & Friends Poetry Picnic.

time to read

1 mins

June 15, 2026

Isolezwe

USiya uhlonipha isipho ngengoma ayenze noKhuzani

I KHULUMA ngesipho esiyimpilo nezingqinamba ezihlukene abantu abaningi abadlula kuzo empilweni uma beya bekhula, ingoma ethakaselwe abaningi ezinkundleni zokuxhumana kaSiya Ntuli noKhuzani Mpungose.

time to read

1 min

June 15, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzoshova esuka eGoli aphelele eThekwini

UKUVELELWA yizinto ezibuhlungu empilweni akumvimbanga ukuthi ayeke ukunakekela umzimba wakhe uDJ osekuphele iminyaka emibili manje angena emkhakheni wokuzivocavoca.

time to read

1 min

June 12, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Umunwe ukhomba eduze ngodukile

USOLA uyise wezingane ngokulahleka kwesihlobo umndeni wowesifazane waseSteak Farm, eHibberdene, osekuyophela inyanga enyamalele.

time to read

1 mins

June 12, 2026

Isolezwe

Ingebhe ngokudlanga kwezehlakalo zokubulawa kwabantu eGoli

SEKUQUBULE ukukhathazeka ngokwanda kwezehlakalo zokubulawa kwabantu ubuthaphuthaphu emalokishini aseGoli njengoba ngoLwesibili kudutshulwe kwafa abangu-12 emijondolo yaseJumpers, eCleveland.

time to read

1 min

June 12, 2026

Isolezwe

Amaphoyisa azoqinisa ezokuphepha kwiComrades

IZINHLAKA zezokuphepha zimi ngomumo ukuqinisekisa ukuphepha kwabagijimi nezethameli zomjaho iComrades Marathon ezosuka eThekwini iphelele eMgungundlovu ngeSonto.

time to read

1 min

June 12, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Sivulelwe icala isibhedlela ngoshone eqeda ukuteta

UFUNA izimpendulo umndeni wowesifazane waKwaKhoza, eShowe otete washona eShowe Provincial Hospital ngeledlule.

time to read

1 mins

June 12, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Ingane iphuze i-energy drink yashona

UFUNA zivalwe zonke izitolo zabokufika ezakhele isigceme sakwa-D, KwaMashu, owesifazane oshonelwe yingane ngoLwesibili, okuthiwa ibigeda kuphuza i-energy drink.

time to read

1 mins

June 11, 2026

Isolezwe

Lasuka lahlala kwiNdebe yoMhlaba!

SELUGCINE lufikile usuku obelulindwe yizigidi zabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika okokungaloqala kweNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eMexico, Canada nase-United States of America (USA).

time to read

1 min

June 11, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size