Denemek ALTIN - Özgür
Kukhonye abamapiano kumaBET Awards
Isolezwe
|June 11, 2025
IZINTOKAZI zodumo emculweni wamapiano futhi ezizinze eGoli, iTxC, ziqophe umlando ngokuhlabana kuma2025 BET Awards, emkhakheni weBest New International Act ngokubambisana nomculi waseBrazil, Ajuliacosta.
Lezi zihlabani okunguTarryn Reid noClairise Hefke zidle umhlanganiso kulo mqhudelwano wezindondo obusePeacock Theatre, eLos Angeles,e-USA. UReid uthe umklomelo wabo wokuqala lona selokhu bangena emculweni.
"Ukuwina emncintiswaneni wamazwe ngamazwe akukholeki. Siyabonga ngokumela iNingizimu Afrika nomculo wamapiano. Kuwukunqoba kithi nasemkhakheni womculo nokwabesifazane abasebasha."
UHefke uthe ukwabelana ngalo mzuzu no-Ajuliacosta kuyinto enkulu.
"Lokhu kukhombisa ukuthi umhlaba uyasilalela, hhayi iNingizimu Afrika kodwa wonke amazwe abantu baseAfrika kuze kuyofika eSouth America."
Leli qembu lisebenzise leli thuba ukubonga abalandeli balo nabasebenzisana nalo.
Bu hikaye Isolezwe dergisinin June 11, 2025 baskısından alınmıştır.
Binlerce özenle seçilmiş premium hikayeye ve 9.000'den fazla dergi ve gazeteye erişmek için Magzter GOLD'a abone olun.
Zaten abone misiniz? Oturum aç
Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE
Isolezwe
KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith
KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing
SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Basabisa ngokuduba Impucuzeko ngenxa kaTshatha
BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide \"Tshatha\" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Umaskanda uyokwenza izifundo zobunjiniyela
NKOLELO yokuthi umaskandi wumculo wabantu abangancwadile sekuyinto yayizolo.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric
SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.
1 mins
January 13, 2026
Isolezwe
Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele
LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.
1 min
January 13, 2026
Isolezwe
Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni
UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu
IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Listen
Translate
Change font size
