Denemek ALTIN - Özgür

Amazwibela ama-Soapies

Isolezwe

|

June 09, 2025

Ngo-8.30 ebusuku, kwi-SABC1 ISINQUMO sikaHawu sokushiya I'nsizwa simholela ekutheni aphathwe njengenkosi. USipho uqhamuka nendlela engcono yokushintsha ibhizinisi lamatekisi.

Amazwibela ama-Soapies

UZALO

Ukungabi bikho kahle kwamanzi ehostela kudala ukuthi kube khona osomathuba abenza umathanda ukuze kube khona abakutholayo kubahlali. USbu usondelana eduzane noJesu.

UMbatha ubona kungcono kube khona abasabisayo ukuze izinto zihambe ngendlela yakhe. UMzamo uzithola esenkingeni enkulu. UNkazimulo noGeja baba nomzuzu odabukisayo. UPhefeni (Lungisani Mabaso) ubanjwa engalindele njengoba uSgidi embuza ngesikhwama esimnyama asiphethe. USgidi ufuna l'nsizwa zibhekise impi kuNkunzi. UMzamo ekugcineni uyavuma ukusebenzisana nomunye wabaphathi angamjwayele. UMbatha unecebo elisha ngomkhankaso wakhe.

GENERATIONS: THE LEGACY

Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC1 AMAWELE anengxoxo ephuthumayo ngokulandelayo okumele akwenze. Abasebenzi bathuswa indlela anenhliziyo embi ngayo uThando.

UJack uzizwa njengendoda entsha. UKamogelo kukhona akusolayo ngendlela umndeni wakhe oziphethe ngayo. USamkelo ubona ukuthi uYster kukhona into ayenze kuye ngokushesha enganakile.

UKea izinto azomhambeli kahle. UTau uthola okungaphezu kwalokhu akade ekulindele. Yini uNamhla ayenzile le angafuni abanye bayazi? UKhumo utshela udadewabo ukuthi akazimele.

U-Ayanda uyaphoqwa ukuthi abe yingxenye yemidlalo eqhubekayo. UMbeka wenza iphutha futhi unika upele ithuba. UJack akafuni ukwenziswa into ngenkani.

UKamogelo akaphathekile kahle ngento ayitholayo.

USam uzimisele ukuhlula ngisho umuntu onolwazi okudlula yena.

SCANDAL!

Isolezwe'den DAHA FAZLA HİKAYE

Isolezwe

Isolezwe

Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric

SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.

time to read

1 mins

January 13, 2026

Isolezwe

Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele

LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.

time to read

1 min

January 13, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni

UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.

time to read

1 min

January 12, 2026

Isolezwe

Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu

IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic

time to read

1 min

January 12, 2026

Isolezwe

Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'

UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.

time to read

2 mins

January 09, 2026

Isolezwe

OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo

UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.

time to read

1 mins

January 09, 2026

Isolezwe

Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle

ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa

BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe

UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise

INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.

time to read

1 min

January 08, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size