Eyokubhiyozela ukulotsholwa kukanamba 2 enenge umkaFelix
Isolezwe
|December 29, 2025
EYOKUKHONJWA ukuthi alungise izibiliboco zokubhiyozela ukuhamba kahle kwezingxoxo zelobolo likamnakwabo, kuthiwa yikho okudine uTracy Smith-Hlophe, oyinkosikazi yomsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe, yaze yaphimisela amazwi athi: "Sekungaphezu kwamandla".
U-FELIX Hlophe noTracy kulezi zinsuku abasemathineni ngemuva kokusabalala kwe-video la uFelix ebemlanda khona kubo kamngani wakhe
(SIGCINIWE)
Lokhu kwenzeke ngoDisemba 15, njengoba kugcine kusabalala ama-video akhombisa uFelix edemelayisa, efuna izingane zakhe nomkakhe babuye ekhaya.
Ngokusho kukanina kamngani kaTracy, uNkk Sindi Zuma, umkaFelix wayesebenza e-salon yakhe ethola ucingo lomyeni wakhe, emtshela ukuthi akaye ekhaya ayolungisa izidlo. Uthe uTracy wathinta abangani, efuna indawo yokuhlala isikhashana nezingane zakhe.
"Wagcina eya kwami eLa Lucia nezingane zakhe," kusho uNkk Zuma.
Uthe ngesikhathi ehlala phansi noTracy, wagonyuluka kuye washo ukuthi udinwe ukuthi uhambe wayolobola engahlalanga naye phansi, wase ecikwa kakhulu eyokuthi athi akayolungiselela izidlo zombhiyozo zokuhamba kahle kwelobolo.
Dit verhaal komt uit de December 29, 2025-editie van Isolezwe.
Abonneer u op Magzter GOLD voor toegang tot duizenden zorgvuldig samengestelde premiumverhalen en meer dan 9000 tijdschriften en kranten.
Bent u al abonnee? Aanmelden
MEER VERHALEN VAN Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

