Poging GOUD - Vrij
Bakhathazekile ngesaguga (96) 'esidlwengulwe yisihlobo'
Isolezwe
|June 26, 2025
UKHATHAZEKILE umndeni wesaguga (96) okuthiwa sidlwengulwe yisihlobo maphakathi nenyanga KwaNgobeni, eMgungundlovu, umsolwa ededelwa emva kokuboshwa kwakhe.
Lokhu kuvezwe umzukulu kamgilwa izolo, ngesikhathi elandisa Isolezwe ngalokhu kukhathazeka.
Uveze ukuthi umgilwa wehlelwe wumshophi ngoJuni 14, kulo nyaka.
"Wasitshela ukuthi wathi elele, wangqongqozelwa umuntu, owathi ucela amphuzise amanzi ngezithuba zango-12 ebusuku. Wathi wavele wamxosha lo muntu, ethi akamyeke phansi, ngeke amvuse ngalesi sikhathi," kusho umzukulu.
Udalule ukuthi umsolwa washaya sengathi uyahamba kodwa wabuye wabuya esebhodloza isicabha, wakhala ngaphakathi.
Uthe yilapho ambhozomela khona umgilwa, waqala ngokumfaka umunwe, walandelisa ngokumdlwengula.
Uveze ukuthi nakuba ugogo wazama ukuklwebha umsolwa, emluma kodwa wamehlula ngamandla.
"Wamdlwengula izikhawu ezintathu waze wozela walala. Kwasekuyizintatha, ngesikhathi ugogo ecela kumsolwa ukuthi amdedele ayochama, lapho wavuka khona wathi gubhubhu, wagqoka, waphuma wabaleka," kuchaza umzukulu.
Dit verhaal komt uit de June 26, 2025-editie van Isolezwe.
Abonneer u op Magzter GOLD voor toegang tot duizenden zorgvuldig samengestelde premiumverhalen en meer dan 9000 tijdschriften en kranten.
Bent u al abonnee? Aanmelden
MEER VERHALEN VAN Isolezwe
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Listen
Translate
Change font size
