Prøve GULL - Gratis
OwaseMlaza uhlose ukukhuphula izinga kumaFisu eGermany
Isolezwe
|July 16, 2025
UYAZIQHENYA ngokuthola elinye ithuba lokumela isifundazwe nezwe lonkana kumaFisu World University Games eGermany umtshuzi waseMlaza, u-Anathi Shozi.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ungomunye wabambalwa baKwaZulu-Natal abaqokwe eqenjini elizomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano ohlonishwayo wamazwe ngamazwe, ohlanganisa abesilisa nabesifazane abafunda emanyuvesi.
UShozi, owenza izifundo zeCivil Engineering eMangosuthu University of technology, eMlaza, wangenela amaFisu Worlds University Games okokuqala ngesikhathi ebanjelwe eChengdu, eChina, ngo-2021.
Nakuba engabuyanga nandondo ngalowo nyaka, kodwa ubheke ukulikhuphula izinga kulokhu njengoba esazi ukuthi yini okufanele ayilindele.
Denne historien er fra July 16, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
UNtanzi ucacisa ngokweseka iMarch and March
UMCULI wowokholo, u-Ayanda Ntanzi, ubhoboke ngokumenza aseke umkhankaso oholwa yinhlangano iMarch and March wokuxosha abantu basemazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho.
1 min
June 24, 2026
Isolezwe
Kuzogiya u-DJ Cndo ne Qwabe Twins kwi-Absa Run Your City
NGAPHANDLE kokubheka ngabomvu umjaho i-Absa Run Your City Durban 10km yanonyaka ozobe ugubha iminyaka eyisishiyagalolunye wasungulwa, abathandi bezokugijima eThekwini namaphethelo ngemuva komjaho bazozitika ngomculo wezihlabani zomculo, iQwabe Twins noDJ Cndo.
1 min
June 24, 2026
Isolezwe
Uvalo ngokuphepha emndenini wobulewe
UZWAKALISE okukhulu ukukhathazeka ngokuphepha kwawo umndeni kamastende obulawe eParkgate, eVerulam, ngeSonto, kuvela umsolwa oyedwa esikhundleni sabathathu eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo.
2 mins
June 24, 2026
Isolezwe
Kuboshwe obekunesikhathi ezingelwa woKlebe
IZOVELA eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine indoda obese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka ibalekela ingalo yomthetho.
1 min
June 23, 2026
Isolezwe
Udado (4) akaconsi phansi ngesimanga sezimpendulo zezibalo
IZINOMBOLO nokubala yinto evame ukuba yinkinga ebantwini abaningi ngisho abadala futhi abafundile imbala, kangangokuthi abanye baze babalekele isifundo sezibalo esikoleni ngoba bekholelwa ekutheni sibukhuni futhi asiqondeki kalula.
1 min
June 23, 2026
Isolezwe
Kuphela amazwi kwabazibonele kubulawa umastende
BAPHELELWA amagama okuchaza isihluku esenziwe ababulali, abazibonele abebeyiziqashi begwaza futhi begenca obengumastende wabo eParkgate, eVerulam, ngeSonto.
2 mins
June 23, 2026
Isolezwe
Bazonikwa amasu ezomnotho kosomabhizinisi basemakhaya
OSOMABHIZINISI basezindaweni zasemakhaya, abatshalimali nababhekele umnotho owakhiwa ezindaweni zasemakhaya bazocetshiswa ngamathuba okufeza lokho, ukuze kufukuleke izindawo zasemakhaya kwandiswe nezinhlelo zokutshala imali kuzona.
1 min
June 23, 2026
Isolezwe
Uzonke uzonandisa emcimbi wesihlabani saseMelika
UMZWILILI wakuleli uZonke Dikana uzoba ngomunye wamaciko azovulela isihlabani saseMelika uma sesizonandisa kuleli uTamia, emcimbini ozobanjwa ngenyanga yabesifazane kuleli u-Agasti.
1 min
old June 22, 2026
Isolezwe
Uzonke uzonandisa emcimbi wesihlabani saseMelika
UMZWILILI wakuleli uZonke Dikana uzoba ngomunye wamaciko azovulela isihlabani saseMelika uma sesizonandisa kuleli uTamia, emcimbini ozobanjwa ngenyanga yabesifazane kuleli u-Agasti.
1 min
June 22, 2026
Isolezwe
Isilonda esingapholi ngowashaywa wanyamalala emshadweni
U SEKUDE ukuthola ukuthula owesifazane wase- Effingham, eThekwini, kuphela iminyaka eyisithupha indodana yakhe yanyamalala ngendlela engagondakali.
2 mins
June 22, 2026
Listen
Translate
Change font size
