Facebook Pixel Ithemba ngabezikhukhula umnyango uthenga ibhilidi | Isolezwe - newspaper - Les denne historien på Magzter.com
Gå ubegrenset med Magzter GOLD

Gå ubegrenset med Magzter GOLD

Få ubegrenset tilgang til over 9000 magasiner, aviser og premiumhistorier for bare

$149.99
 
$74.99/År

Prøve GULL - Gratis

Ithemba ngabezikhukhula umnyango uthenga ibhilidi

Isolezwe

|

July 14, 2025

UMNYANGO wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, usuthenge iMontclair Lodge okwakungeyakwaTransnet, eThekwini ukuze kuhlaliswe kuyo abakhahlanyezwa yizikhukhula.

- ZIMBILI VILAKAZI

Lokhu kumenyezelwe wuMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma esithangamini nabezindaba izolo.

Lesi sithangami silandela ukukhishwa kwabakhahlanyezwa yizikhukhula zangoFebhuwari kulo nyaka, ehhotela iBayside enkabeni yeTheku ngeledlule.

Abehhotela kuthiwa babaphonsa emnyango abagilwa ngoba uhulumeni engayikhokhile imali yerenti.

Abagilwa kwaphoqeleka ukuthi balale onqenqemeni lomgwaqo njengoba babengenayo enye indawo ababezokhosela kuyo.

UDuma uveze ukuthi bonke abagilwa sebegcinwe endaweni efudumele eMbilo. Elandisa ngodaba lweMontclair Lodge, uDuma uthe bayithenge kwabakwaTransnet.

"Sesiwukhokhile uR33 million ukuze kuhlaliswe abagilwa bezikhukhula. Ngamanye amazwi ngeke sisazisebenzisa izindawo eziqashwayo ukugcina abagilwa okwesikhashana," kusho uDuma.

Uthe iMontclair lodge inamagumbi angu-268 nemibhede engu-600.

FLERE HISTORIER FRA Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Kuphela ukuqagela ngabaqhathwe kumaMetro FM Music Awards

NAPHEZU kokuthi amaqembu ezepolitiki ezwakalise ukukhathazeka ngoxhaso luka-R20 million lwamaMetro FM Music Awards eThekwini nonyaka, amalungiselelo ayaqhubeka njengoba ngoLwesine kuzomenyezelwa abaqokiwe.

time to read

1 min

February 24, 2026

Isolezwe

Indodana kasomatekisi (33) ecaleni lokudlwengula nokukhulelisa ona-14

SIVULELWE icala lokudlwengula nokukhulelisa ingane eneminyaka engu-13 indodana kasomatekisi odumile waseHammarsdale.

time to read

2 mins

February 24, 2026

Isolezwe

Bafe olwembiza bethola isidumbu sikathishanhloko

BAKHUNGATHEKILE ngokufa kukathishanhloko wesikole iMbonambi Primary, KwaMbonambi, okuvela ukuthi utholwe eshe wangqongqa emotweni yakhe ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

February 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isibuyele eMzumbe indodana kaMseleku abekhala ngayo

ISIVEZE ukuthi izobuyela ekhaya lakubo elikhulu elizeMzumbe, indodana endala kaMusa Mseleku, uMpumelelo, ngemuva kokuvela kwesiqephu esishiye abaningi bemangele ngendlela umuzi obukeka ngayo, njengoba kungasahlali muntu khona.

time to read

1 min

February 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

I-SABC ichitha amahlebezi ngokunyamalala kukaDJ Sbu

I-SABC ikuchithile ukuthi ukunyamalala komsakazi wohlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, uSbusiso \"DJ Sbu\" Leope, kuhlangene nokuvela kwegama lakhe kwiKhomishini kaMadlanga.

time to read

1 min

February 23, 2026

Isolezwe

Kunabangaphandle kwabangu-16 000 abahlala emigwaqweni e Thekwini

KUKHONA nabasemazweni angaphandle ezinkulungwaneni ezinenkani yesele, ezihlala emgwaqweni yasedolobheni eThekwini.

time to read

1 min

February 23, 2026

Isolezwe

Kukhalwa ngowe-Big Brother Mzansi ogeza ekhishini

KUKHALWA ngesenzo sikaThandeka Tshabalala, sokugeza ubuso nokuxubha kusinki wokuwasha izitsha, ohlelweni i-Big Brother Mzansi okungaholela ekutheni abanye abasendlini bagule, ngokusho kukadokotela.

time to read

1 min

February 23, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uvalo ngabebephuza kuhlasela izikhukhula eNanda

THI seyakhuluma nezinhlaka zikahulumeni kwaze koma amathe, imindeni eyisishiyagalolunye yaseMzomusha, KwaBester, eNanda, ngomhosha ovele ugcwale amanzi, kumbozeke izindlu uma kuke kwana imvula enamandla.

time to read

2 mins

February 23, 2026

Isolezwe

Bakhathazekile kubulawa isaguga ebesiwusizo

UHLALELE ovalweni umphakathi waseMandeni kulandela ukubulawa ngesihluku kwesalukazi esineminyaka engu-75, uNkk Busisiwe Nokuthula MaMkhwanazi Ngema, okusolwa ukuthi ushaywe wagencwa esemzini wakhe.

time to read

1 min

February 20, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Basematheni oMarawa noThando Thabethe bebonakala ndawonye

ZISEMATHENI izilomo zosaziwayo uRobert \"Madluphuthu\" Marawa noThando Thabethe ngezizathu ezingahlangene nomsebenzi ezaziwa ngawo.

time to read

1 min

February 20, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size