Prøve GULL - Gratis

Ithanda ukuphuma esandleni indaba yama-matric dance

Isolezwe

|

July 03, 2025

NGIZOQALA ngokuvuma ukuthi eyami i-matric dance ineminyaka eminti yadlula, mhlawumbe yingakho ngibona izinto ngendlela ehlukile. Noma kunjalo, umsebenzi wokuba wumzali wokukhulisa ufundise ingane ngempilo awushintshi. Kanjalo nowokuba wuthisha.

Ithanda ukuphuma esandleni indaba yama-matric dance

Kade ngikwelinye lamahhotela eThekwini ezinsukwini. Ngiqale ngokubambezeleka kungangeneki ngenxa yokuminyana kwezimoto zikanokusho ezinye ziphelezelwa yizithuthuthu. Ngeke ngiqambe amanga, khona ngiwagezile amehlo ngisabambezelekile! Akubona ubuhle bezimoto nezithuthuthu lobuya. Ngize ngacabanga ukuthi mhlawumbe kunombukiso wezimoto engingazwanga ngawo.

Alukho uhlobo lwemoto kanokusho obelungekho laphaya, ngisho lezi zimoto ezikuqhweba umile zithi ngibuke. Bekukhona wena Ferrari, Porsche, Lamborghini, Rolls Royce, Aston Matin, ngihluleka nokuchaza. Obehamba ngeMercedes Benz le ejwayelekile ubefana nogqoke uphaqa emshadweni.

FLERE HISTORIER FRA Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM

ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza

UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'

UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.

time to read

1 mins

January 06, 2026

Isolezwe

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni

USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile

KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane

ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras

U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isolezwe

U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha

UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.

time to read

1 min

December 19, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size