Prøve GULL - Gratis

Badidekile sitholwa endlini kazakwabo isidumbu sobedukile

Isolezwe

|

July 03, 2025

SITHOLWE ekotishini obekuhlala kulo uzakwabo wasemsebenzini eMashona, oLundi, isidumbu sowesilisa waseVryheid, obekubikwe ukuthi uduke ngendlela engaqondakali.

- ZIMBILI VILAKAZI

Ongasekho, uMnuz Linamandla Mngomezulu (24), wayebikwe ukuthi udukile ngeSonto.

Ngokusho kwesihlobo sakhe, uNksz Nokubekezela Mngomezulu, umufi wagcina ukubonwa ephila, eya endlini okuhlala kuyona uzakwabo abesebenza naye kwinkontileka yokwakha umgwaqo oLundi.

“Uzakwabo lo oseboshiwe, sithole ukuthi ubengumuntu obemisiwe emsebenzini, kulandela iziwombe zokungaziphathi kahle.

Kuthiwa ubizele uLi emqashweni wakhe esingazi ukuthi ubefuna baxoxe ngani,” kusho uNksz Mngomezulu.

FLERE HISTORIER FRA Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM

ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza

UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'

UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.

time to read

1 mins

January 06, 2026

Isolezwe

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni

USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile

KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane

ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras

U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isolezwe

U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha

UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.

time to read

1 min

December 19, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size