I-Afrika ayibeke phambili imiphumela kunebhola elihle
Isolezwe
|June 27, 2025
BHOLA lase-Afrika linconywe ngabaningi ngokudlondlobala eminyakeni embalwa edlule. Lokhu kuholele ekutheni kubhekwe ngabomvu okuzokwenziwa ngamaqembu amane abemele i-Afrika kwiFifa Club World Cup eqhubekayo e-USA okuyiMamelodi Sundowns yaseNingizimu Afrika, Wydad Casablanca yaseMorocco, Esperance yaseTunisia ne-AL Ahly yase-Egypt. Indlela edlale ngayo iSundowns emdlalweni wokuvula ngesikhathi yehlula i-Ulsan HD yaseSouth Korea ijabulise abaningi. Nakuba leli qembu likaPatrice Motsepe liqhubekile nokunconywa nangesikhathi liguqiswa ngo 4-3 yiBorussia Dortmund yaseGermany kodwa lihlulekile ukucosha amaphuzu. ISundowns ibidinga ukwehlula iFuminense yaseBrazil emdlalweni wokugcina kaGroup F kodwa yagcina iphume nephuzu, kwaba wukuphuma kayo kwiFifa Club World Cup.
-
Okushaqise abaningi wukuphuma ekuseni kwe-AL Ahly eyake yabuya nendondo yethusi isaphekwa nguPitso Mosimane. Ayiwinanga nowokubika umdlalo. IWydad idlale umdlalo wokugcina izolo ebusuku isigcina icala kwazise kade isiphumile. I-Esperance ibuye ilambatha emuva kokuwina kanye kuGroup D. Okucacile kwiClub World Cup wukuthi l
Denne historien er fra June 27, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

