Amabutho angawenza umehluko ngezinselelo ezibhekene nesizwe
Isolezwe
|June 25, 2025
BAYEDE Hlangalomhlabathi! Bayede Mnguni omnyama, Wena Ongangezintaba! AbaNtwana baseNdlunkulu, amakhosi, izinduna nabadidiyeli beMpi yeSilo iNdlulamithi yamakhosi abaholwa nguMdidiyeli omkhulu, uGeneral Sipho Mhlongo, namabutho onke. Ngiyakhuleka nina beSilo. Ngiyabamema abenkosi ukuba babe yingxenye yale ngosi yokushiyelana ngoLwesithathu njalo emva kwamasonto amabili.
-
Nina boHlanga, kangiqale ngendlalele isihloko esingenhla ngokuba ngihulule kancane ehlezeni lomlando wamabutho ombuso wakwaZulu. Amabutho ngaphansi kwesandla seziNgonyama ezehlukene ezake zahlala eSihlalweni sobukhosi bakwaZulu, kusukela eSilweni saKwaDukuza uShaka kaSenzangakhona (iLembe) kuze kufike eSilweni esibusayo njengamanje, iSilo saseMashobeni uMisuzulu kaZwelithini (iNdlulamithi), amabutho abhekana nezimpi nezinselelo eziningi ezehlukene nangokwezikhathi nezigaba.
Amabutho ngesikhathi sokubusa kweSilo saKwaKhangengel'amankengane, uZwelithini kaBhekuzulu (uMdlokombane), abhekana nezimpi zombuso wobandlululo kanjalo nezinselelo eziningi ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi ngokwehlukana. UmNtwana waKwaPhindangene, owayengundunankulu kaZulu kusukela kusabusa iSilo saKwaDlamahlahla kuze kube yiSilo esiseSihlalweni njengamanje, wabamba elikhulu iqhaza kusukela ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo kuze kube owentando yeningi. Waba nomnikelo omkhulu elwela isithunzi seNgonyama namakhosi nokuyinto azinikela ukuyenza impilo yakhe yonke.
Siyathobeka emndenini waKwaPhindangene nasesizweni sakwaButhelezi ngokunikela ngenkosi yaso ukuba ibe udondolo lwesizwe sikaZulu. Onke amaZulu njengamanje adla izithelo zomnikelo womNtwana waKwaPhindangene. Shenge!
Denne historien er fra June 25, 2025-utgaven av Isolezwe.
Abonner på Magzter GOLD for å få tilgang til tusenvis av kuraterte premiumhistorier og over 9000 magasiner og aviser.
Allerede abonnent? Logg på
FLERE HISTORIER FRA Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

