Gå ubegrenset med Magzter GOLD

Gå ubegrenset med Magzter GOLD

Få ubegrenset tilgang til over 9000 magasiner, aviser og premiumhistorier for bare

$149.99
 
$74.99/År

Prøve GULL - Gratis

Kanti ngempela waqala nini umhlaba?

Isolezwe

|

June 11, 2025

MHLELI: Kunezinto lapha emhlabeni ezihlala zixaka uma zishiwo. Kwawena ugcina ungasazi ukuthi yikuphi okuyikhona futhi okumele ukukholwe nokumele ungakukholwa.

Indaba yami njalo isukela emikhakheni emithathu; ocwaningweni lwezesayensi nezenkolo ngokwehlukana kwalo kanye nangokomlando. Uma ubheka le mikhakha engenhla ayivumelani. Bayagxekana kangangokuthi bathi ayikho le nto abayishoyo okuyikhona, yilokhu okushiwo yibona. Ugcina ungasaqondi nqindi nasibhakela. Ngizoqala ngokwezesayensi. Abezesayensi mangikucacise ukuthi babukeka njengabantu abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Hhayi ngoba ngibahlulela kodwa ngikusho lokhu ngenxa yendlela ababeka ngayo ocwaningweni lwabo.

Mangenze isibonelo: Bona bathi umhlaba wamane wazenzekela, okunye kwaxebuka kokunye ukuze kube khona umhlaba. Njengokuthi kwaba nenzinguquko ezithize kuma-forces, lokho kwenza ukuba kudaleka noma kwenzeke into ethizeni.

Indaba yokuthi ulwandle, amazwekazi, izintaba izulu kanye nomhlaba kwadalwa wuNkulunkulu ababoni bona kanjalo.

Yizwa ngoba bathi ilanga alihambi selokhu lama, kunalokho kuba ukuphenduka komhlaba bese kuvela ukukhanya ngapha kuthi ngaleyana kube mnyama noma kuhlwe. Ekubeni thina sazi ukuthi ilanga liyaphuma lishone, kuhlwe futhi.

Baphika nokuthi imvula iniswa nguNkulunkulu kodwa bathi kuyazenzekela. Ngikhumbula inkolelo kaWagner (Wagner's theory) ethi uma ubuka ibalazwe lomhlaba bathi la mazwekazi aziqhephukela kwamanye, isibonelo buka i-Afrika ikhombisa ukuthi yaqhezuka kwelinye izwekazi njengoba ibukeka ingumsweswana.

Ngokwabo-ke lokho kwamane kwazenzekela ngenxa yesimo semvelo. Ekubeni ibhayibheli lithi yonke into ekhona yadalwa wuNkulunkulu. Bona njalo belu ososayensi uma besho into thizeni bayaye bathi into ethize yenzeka eminyakeni eyizigidi eyadlulayo.

FLERE HISTORIER FRA Isolezwe

Isolezwe

Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

time to read

1 min

November 07, 2025

Isolezwe

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

time to read

1 min

October 29, 2025

Isolezwe

Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

time to read

1 min

October 28, 2025

Isolezwe

Isolezwe

HALALA BAFANA BAFANA!

KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Kwaze 'kwabhizi' eMzansi

EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)

time to read

1 min

October 10, 2025

Isolezwe

'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'

U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'

time to read

1 min

September 03, 2025

Isolezwe

Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela

KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick

time to read

1 min

September 02, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile

UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.

time to read

1 min

August 27, 2025

Isolezwe

Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume

INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha

time to read

1 min

August 20, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size