試す - 無料

Izinkanyezi

Isolezwe

|

December 24, 2025

ARIES: Mar 21 - Apr 19 SEBENZA ngokuzimisela nokuzikhandla, ugxile emsebenzini wakho kusukela ekuseni

Noma ngabe kuthiwa nguwena kuphela owenza lokhu ethimbeni osebenza nalo emsebenzini, obalulekile kodwa qhubeka ukhombise ukufundiseka nokuhlonipha umsebenzi wakho ukuze nabanye babonele kuwenaTAURUS: Apr 20 - May 20 IMPILO yakho iya ngokuba ngcono nsuku zonke. Uma ngabe ulokhu ungajabule ngempilo yakho kungenzeka ukuthi kungoba uyibuka ngeso elichemile noma ufuna izinto ezingaphezu kwamandla. Ukuhlehliswa noma ukubambezeleka kwezinhlelo kuzophenduka kube wusizo kuwena. Wusuku olulungele umsebenzi olula, ukuphumula noma ukwenza izinhlelo zokuzijabulisa.

GEMINI: May 21 - Jun 20 UZOBHEKANA nenkinga enkulu namhlanje. Kuzomele wenze wonke umsebenzi ngokuzimisela noma ngabe ubukeka umncane kangakanani. Akulona usuku lokwenza izinhlelo zokuzijabulisa kodwa ngolwezinhlelo ezibalulekile kuphela. Kulindeleke ubhekane nezindaba ezithinta izikweletu noma amafa.

CANCER: Jun 21 - Jul 22 INHLANHLA yakho ilele ekutheni ukhuthele kangakanani ngalesi sikhathi futhi ushesha kangakanani ukuthatha izinyathelo lapho kuqhamuka amathuba. Uma uzogxila ekwenzeni uhlelo oluqondile ngesikhathi sasekuseni, lokhu kuzoba wusizo usuku lonke. Ungawubukeli phansi umsebenzi omncane futhi hlala uzimisele ngokusiza abantu abadinga usizo Iwakho.

Isolezwe からのその他のストーリー

Isolezwe

Ukhiphe isidumbu umbango wefa

KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras

KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.

time to read

1 min

January 07, 2026

Isolezwe

Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM

KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.

time to read

1 min

January 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca

SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM

ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza

UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.

time to read

1 min

January 06, 2026

Isolezwe

Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'

UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.

time to read

1 mins

January 06, 2026

Isolezwe

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni

USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

time to read

1 min

January 05, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size