Umengameli ujaha ukhozi ngenja ngembizo yezigidigidi yomntakabani
Isolezwe
|July 16, 2025
MHLELI: Kwelakho elingihlaba umxhwele, ngicela ukusika elijikayo mayelana nembizo kaMengameli Cyril Ramaphosa. INingizimu Afrika inezakhiwo eziningi eziyizindlebe nemilomo yabantu okuyiPhalamende neziShayamthetho eziyisishiyagalolunye zezifundazwe.
-
IPhalamende nje lilodwa linamakhanda angu-400 wonke okugcwele kulo ogogo nomkhulu abadinga izinduku zokudondolozela. Ongqongqoshe banenqwaba yamasekela azitapela imali nje kungaziwa ukuthi enzani.
Phezu kwazo zonke lezi zakhiwo, kukhona nomnyango wamajaji nezimantshi. Kukhona nombiko weKhomishini kaZondo esingayazi ukuthi yadla malini, kwakuyini umsebenzi wayo, kuze kube yimanje asazi ukuthi uthini? Uhlobisile-ke lapho ubekwe khona? Wonke la makhanda engiwabalile uma engahlangana angenza izinkulungwane noma ukhukhulelangoqo wembizo.
Ewonke nje eqinisweni, ehlulwa yikhanda elilodwa lensizwa yaseBurkina Faso, uMengameli Ibrahim Traore. Manje izwe selifike kwangqingetshe ngenxa yokungalalelwa kwabantu baseNingizimu Afrika abahlezi bebabaza imihla namalanga ngenxa yemithetho nenkohlakalo kahulumeni.
このストーリーは、Isolezwe の July 16, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Bakhale nangobunzima buka-2025 osaziwayo
BABONGA ukuthi baficwe yisikhathi sikaKhisimusi osaziwayo abahlukene bakuleli yize bethi unyaka ka-2025 ubunezinselelo zawo ezihlukene.
1 mins
December 24, 2025
Isolezwe
Basale bebamba amakhanda isihlobo 'sibulala' itshitshi lemuliswa
USATHUTHUMELA umndeni wetshitshi laseMbabane, eMsinga, okuthiwa libulawe yisihlobo ngeSonto, lilungiselela ukungena emgonqweni womemulo.
1 mins
December 24, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile kubulawa owalaxaza imboni yamatekisi
UDUKUZA ebumnyameni umndeni wakwaXulu eNyamazane, KwaMaphumulo, ngemuva kokuba uhlaselwe ngabantu abangaziwa ngoMsombuluko ebusuku.
1 min
December 24, 2025
Isolezwe
Izinkanyezi
ARIES: Mar 21 - Apr 19 SEBENZA ngokuzimisela nokuzikhandla, ugxile emsebenzini wakho kusukela ekuseni
2 mins
December 24, 2025
Isolezwe
OwezeMpilo uphika eyokuvalelwa kwesiquli esibhedlela
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal uchitha izinsolo zokuthi uvimba esinye seziguli ezisesibhedlela iCathrene Booth, esaziwa ngokuthi yiSalvesh, eMatigulu, enyakatho yesifundazwe - ukuthi sidedelwe emva kokuphothula uhlelo lokusinquma unyawo.
1 min
December 24, 2025
Isolezwe
Imicimbi wayawaya eKZN
*Kuzobe kuhlephuka imbadada kwiTshatha Music Festival eLindizwe Stadium, KwaNongoma, lapho kuboshelwe khona uMthandeni SK, Khuzani, Somnandi, Big Zulu, Jumbo, Mayoghurt, Gatsheni, Dladla Mshunqisi, Limit, Menzi, Bahubhe, Ntencane, Njabulo Langa, Umafikizolo, Malini, Ijongo Elihle, Inkosi Yamagcokama, Qwabe Twins, Dumakahle, Sminofu, Sgwebo, Mbeje, Siya Ntuli, Mdumazi, Jaiva Zimnike, Stability, Swidi Gcabashe, NND International, MfokaMsezane nabanye.
1 min
December 24, 2025
Isolezwe
Imbibizane uKhuzani ehoxisa elinye lamanoni embangweni wengoma
K UNQOBE umculi wokholo embangweni wengoma obuphakathi komculi kamaskandi, uKhuzani \"Indlamlenze\" Mpungose nomculi wokholo, uSenzo Khumalo.
1 min
December 23, 2025
Isolezwe
UMinnie uzokhokha u-R50 000 awuthola kungafanele
UPHIKO iSpecial Investigating Unit (SIU), isifinyelele esivumelwaneni sokuthi ayikhokhe imali ayithola kungafanele umethuli wezinhlelo zakuleli, uMinnie Dlamini.
1 min
December 23, 2025
Isolezwe
IRadio Encane iphawula ngolokuhlukanisa unyaka okhozini
ISINQUMO seGagasi FM sokufaka ingwazi uLinda \"Mr Magic\" Sibiya ohlelweni lokuhlukanisa unyaka ngoDisemba 31, senze kwavela igama likaMandla \"Radio Encane\" Malakoane njengozobangisana naye abalaleli baKwaZulu-Natal ngesikhathi esifanayo kuKhozi FM.
1 min
December 23, 2025
Isolezwe
Kusize umphenyi ozimele ngesitshudeni esibulawe sagqitshwa ngepotimende
KUSIZE ukuthi uqashe umphenyi ozimele umndeni waseRoosboom, eMnambithi, okwenze sigcine sitholakele sigqitshwe ngepotimende emgodini ongashoni isidumbu sothandiweyo wawo.
1 mins
December 22, 2025
Listen
Translate
Change font size

