Magzter GOLDで無制限に

Magzter GOLDで無制限に

10,000以上の雑誌、新聞、プレミアム記事に無制限にアクセスできます。

$149.99
 
$74.99/年
The Perfect Holiday Gift Gift Now

Amazwibela ama-Soapies

Isolezwe

|

July 14, 2025

UZALO Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1 IQHINGA likaHawu lokuboleka imali yamalobolo kaSizakele alihambi ngendlela ahlele ngayo. USipho uhlonipha isimemo sikababa wakhe ombizile ukuthi azodla nabo isidlo sasemini endlini kaNomarashiya. UPrince ufuna ukuqala umndeni omusha futhi ufuna uSipho abe yingxenye yawo. Isicelo sikaHawu sokuba nesithembu kubukeka ngathi sizofezeka. UMbatha useqala ukuba nokungabaza ngohambo lwakhe lokungena kwipolitiki. UMadlala uyadinwa uma uPrince eqhamuka ehamba noNomarashiya la esebenza khona. Indlela yokukhombisa uthando evezwa uHawu ayihambi ngendlela akade ehlele ngayo. UMzamo wenza kahle njengoba ekhiphe incwadi. UHawu (Bandile Maphalala) uthuswa imicabango anayo yokuthi angase alahlekelwe uSizakele.

GENERATIONS: THE LEGACY Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC1 IZINTO azihambi kahle phakathi kukaTau no-Ayanda. UNkaba kukhona aphezu kwakho kodwa ngabe kuyini? ULucy ubanjwa oqotsheni. UFikile ima ebona ukuthi uzifake esimweni esinjani. U-Aus'Nokwazi ekugcineni izinto zenzeka ngendlela yakhe. UKamogelo ubona into emshiya emangele. UMelokuhle enganakile ukhuluma into ebiyimfihlo. UKhumo uyayijabulela ingcindezi ayifaka ezitheni zakhe. ULulama uthethisa umzala wakhe. UZondiwe wenza abantu bathuke. URori kukhona umuntu ambamba oqotsheni. UTau uzimisele ukushukumisa izinto Ezweni, yize indlela aziphethe ngayo idala uqhekeko phakathi kwakhe no-Ayanda.

Isolezwe からのその他のストーリー

Isolezwe

Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras

U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isolezwe

U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha

UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane

ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni

UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.

time to read

1 mins

December 19, 2025

Isolezwe

Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane

USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.

time to read

2 mins

December 18, 2025

Isolezwe

'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'

USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.

time to read

1 min

December 18, 2025

Isolezwe

Isolezwe

ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala

UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.

time to read

1 min

December 17, 2025

Isolezwe

Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama

BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).

time to read

1 mins

December 17, 2025

Isolezwe

Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini

UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.

time to read

1 mins

December 17, 2025

Isolezwe

Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa

KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.

time to read

1 mins

December 17, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size

Holiday offer front
Holiday offer back