試す 金 - 無料
UMantashe ukhuza eyokuqokwa kwamakhansela angafundile
Isolezwe
|July 11, 2025
USIHLALO we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, usechithe amakhansela angafundile wathi njengoba kubhekwe okhethweni abafuni kukhethwe abantu ngenxa yodumo, kodwa ngokuthi bayaboniswa encwadini.
Uthe ukukhethwa kwamakhansela angafundile kwenza ukuthi imikhandlu ingasebenzi kahle. Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yokukhumbula owayeyiphini likamengameli, uMnuz David Mabuza.
UMantashe uthe i-ANC kufanele iqinise imithetho ezosetshenziswa uma sekukhethwa abazoba amakhansela.
"Sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya. Kufanele sibumbane. Okunye kufanele siqinise imigomo uma sikhetha amakhansela.
"Ayikho into engicasula njengekhansela eliya emhlanganweni lingayifundanga imibiko ezovotelwa.
このストーリーは、Isolezwe の July 11, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Kubhekwe u-R798 million eThekwini ngempelasonto yeDurban July
KULINDELWE inzuzo yemali elinganiselwa ku-R798 million emnothweni wedolobha iTheku ngempelasonto yangesonto elizayo yomjaho wamahhashi nezemfashini waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July.
1 min
June 26, 2026
Isolezwe
UNgizwe akayingeni eyokuxolisa kwabeLGBTQIA+
USAZIWAYO owayengumsakazi, uNgizwe Mchunu, akayingeni eyokuthobela isinqumo esikhishwe yiNkantolo yezokuLingana emhlawulise kanzima ngeledlule.
1 min
June 25, 2026
Isolezwe
'U-R600 million awusetshenziswe ukubaphindisela emazweni abo'
U MHOLI wenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ubuze ukuthi kungani uhulumeni engasebenzisi lo R600 million okuthiwa uzosebenza ukuqapha ezokuphepha ngoJuni 30, ukuhambisa abaseMalawi abaduve eThekwini.
2 mins
June 25, 2026
Isolezwe
UNtanzi ucacisa ngokweseka iMarch and March
UMCULI wowokholo, u-Ayanda Ntanzi, ubhoboke ngokumenza aseke umkhankaso oholwa yinhlangano iMarch and March wokuxosha abantu basemazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho.
1 min
June 24, 2026
Isolezwe
Kuzogiya u-DJ Cndo ne Qwabe Twins kwi-Absa Run Your City
NGAPHANDLE kokubheka ngabomvu umjaho i-Absa Run Your City Durban 10km yanonyaka ozobe ugubha iminyaka eyisishiyagalolunye wasungulwa, abathandi bezokugijima eThekwini namaphethelo ngemuva komjaho bazozitika ngomculo wezihlabani zomculo, iQwabe Twins noDJ Cndo.
1 min
June 24, 2026
Isolezwe
Uvalo ngokuphepha emndenini wobulewe
UZWAKALISE okukhulu ukukhathazeka ngokuphepha kwawo umndeni kamastende obulawe eParkgate, eVerulam, ngeSonto, kuvela umsolwa oyedwa esikhundleni sabathathu eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo.
2 mins
June 24, 2026
Isolezwe
Kuboshwe obekunesikhathi ezingelwa woKlebe
IZOVELA eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine indoda obese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka ibalekela ingalo yomthetho.
1 min
June 23, 2026
Isolezwe
Udado (4) akaconsi phansi ngesimanga sezimpendulo zezibalo
IZINOMBOLO nokubala yinto evame ukuba yinkinga ebantwini abaningi ngisho abadala futhi abafundile imbala, kangangokuthi abanye baze babalekele isifundo sezibalo esikoleni ngoba bekholelwa ekutheni sibukhuni futhi asiqondeki kalula.
1 min
June 23, 2026
Isolezwe
Kuphela amazwi kwabazibonele kubulawa umastende
BAPHELELWA amagama okuchaza isihluku esenziwe ababulali, abazibonele abebeyiziqashi begwaza futhi begenca obengumastende wabo eParkgate, eVerulam, ngeSonto.
2 mins
June 23, 2026
Isolezwe
Bazonikwa amasu ezomnotho kosomabhizinisi basemakhaya
OSOMABHIZINISI basezindaweni zasemakhaya, abatshalimali nababhekele umnotho owakhiwa ezindaweni zasemakhaya bazocetshiswa ngamathuba okufeza lokho, ukuze kufukuleke izindawo zasemakhaya kwandiswe nezinhlelo zokutshala imali kuzona.
1 min
June 23, 2026
Listen
Translate
Change font size
