Zibucayi izinsolo zikaMkhwanazi ngoMchunu: Ramaphosa
Isolezwe
|July 08, 2025
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthembise ukusukumela izinsolo ezishaqisayo ezenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
URamaphosa uthe izinsolo zikaMkhwanazi zokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, usondelene nezigebengu, zidinga ukusukunyelwa ngokushesha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ohambeni lwakhe lwaseBrazil izolo.
URamaphosa uthe izinsolo ezenziwe uMkhwanazi zibucayi.
“Awukwazi ukuziba lezi zinsolo ngoba zithinta ezokuphepha kwezwe. Into ethinta ezokuphepha ibucayi njengoba ithinta impilo yabantu.”
URamaphosa uthe uzoziphenya kahle lezi zinsolo uma efika kuleli.
“Ngizokuba nemihlangano nabantu abathintekayo bese nginquma ukuthi isiphi isinyathelo engizosithatha.”
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ngeke bathathe uhlangothi lukaMchunu. UMbalula uthe bafuna kwenziwe noma yiluphi uphenyo oluzoholela ekutheni kutholakale iqiniso.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
このストーリーは、Isolezwe の July 08, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

