試す 金 - 無料
Sithuswe wuthando Iwabantu esinye sezilomo zeComrades
Isolezwe
|July 03, 2025
KUNGENZEKA ukuthi abanye abagijimi nababukeli beComrades Marathon sebeqala ukukhohlwa, sebebheke eminye imijaho kodwa kusekuningi okusabhungwa ngayo.
Omunye wabadonse amehlo kulo nyaka wuGloria Nokwazi Ngcobo, obe ngowokuqala kwabangezona izinsephe zabagijimi ukulandelwa kakhulu kusetshenziswa i-app yeComrades. Ube sendaweni yesine eshiywa kuphela wuGerda Steyn ogcine enqoba, u-Onalenna Khonkobe owayeqengqeleza phambili zisuka ngaphambi kokubanjwa amajaqamba noTete Dijana owadla umhlanganiso kwabesilisa.
"Eqinisweni ngithukile, bengingakulindele lokhu kodwa ngiyazi ukuthi ngesikhathi ngiyoma ekuqaleni, umjaho ngangiwubhekise kubantu bami abangesekayo, abangithandayo nabangilandela ezinkundleni zokuxhumana," kusho uGloria. "Ngesikhathi ngibona ukuthi ngaba ngowesine kubagijimi ukulandelwa kakhulu, ngavele ngafikelwa umuzwa wokubonga, ngazizwa ngithandwa futhi ngesekwa."
UGloria (30) ohlala eHillcrest, eThekwini, uyisilomo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi iTikTok, abalandeli bakhe abasondele ku-900 000 nama-likes asecela ku-38 million.
Udlisa ngamatemu akhe okukhona kuwo elithi, "sharp lapho magenge", "munuu" namanye.
このストーリーは、Isolezwe の July 03, 2025 版からのものです。
Magzter GOLD を購読すると、厳選された何千ものプレミアム記事や、10,000 以上の雑誌や新聞にアクセスできます。
すでに購読者ですか? サインイン
Isolezwe からのその他のストーリー
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Listen
Translate
Change font size
