Magzter GOLDで無制限に

Magzter GOLDで無制限に

10,000以上の雑誌、新聞、プレミアム記事に無制限にアクセスできます。

$149.99
 
$74.99/年

試す - 無料

Kushoda iminyango eyimigogodla yenzuzo komasipala

Isolezwe

|

June 25, 2025

MHLELI: Kwelakho eliphuma likhanyisele isizwe, ngikholwa wukuthi uma sikhuluma ngokuthi umasipala nomasipala kumele ukwazi ukwakha imisebenzi nokuthuthukisa umnotho wedolobha owakhe kulo, sisuke sikhuluma ngento elukhuni ukuthi ingazuzwa ngabanye omasipala abasezabelweni zamakhosi.

Lokhu ngikusho ngoba labo masipala bashoda ngeminyango engiyithatha njengaleyo eyimigogodla yokwenza inzuzo. Kunomnyango impela engiwuvumayo phakathi kwaleyo eyenzela imikhandlu inzuzo ebhekile. Lowo nguMnyango wabaHloli beZakhiwo obizwa phecelezi nge-Building Inspectorate. Lo mnyango kamasipala wenza inzuzo ngekhasimende elifaka isicelo sokwakha isakhiwo esigunyazwe yimithetho yokwakha ebizwa ngama-National Building Regulations (NBR). Futhi esingakheka ngohlobo lwempahla yokwakha oluvunywe wuhlaka oluqinisekisa izingabunjalo lempahla yokwakha edingekayo, i-South African Bureau of Standards noma i-SABS.

Ngeke nangengozi wakhe ngisho ihhoko lezinkukhu endaweni kamasipala osedolobheni ngaphandle kwemvume. Nomjondolo wamapulangwe ongumahambanendlwana obizwa nge-wendy house uyakhokhelwa uma uzobekwa endaweni kamasipala.

Isakhiwo esincane esigcina amathuluzi naso sidinga ukwakhiwa ngemvume siphinde siphasiswe wumasipala ngemali encane kuleyo yokuphasisa izicelo zezakhiwo ezinkulu.

Ukushintsha uhlobo lophahla lwendlu, noma ukushintsha uhlobo lwamafasitela kukodwa kuyakhokhelwa kumasipala wendawo. Ukubhodloza udonga lwendlu noma lwesakhiwo, ngenhloso yokunweba ifasitela noma isicabha, okanye ukuvala isikhala sefasitela noma sesicabha, nakho kuyakhokhelwa imadlana nje engatheni kulo mnyango kamasipala. Ukubiya indawo yakho ngodonga lwama-blocks noma ngocingo kuyinzuzo enhle kumasipala wendawo.

Isolezwe からのその他のストーリー

Isolezwe

Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini

IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku

time to read

1 min

November 07, 2025

Isolezwe

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni

time to read

1 min

October 29, 2025

Isolezwe

Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha

Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

time to read

1 min

October 28, 2025

Isolezwe

Isolezwe

HALALA BAFANA BAFANA!

KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi

time to read

1 min

October 15, 2025

Isolezwe

Kwaze 'kwabhizi' eMzansi

EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)

time to read

1 min

October 10, 2025

Isolezwe

'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'

U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'

time to read

1 min

September 03, 2025

Isolezwe

Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela

KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick

time to read

1 min

September 02, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile

UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.

time to read

1 min

August 27, 2025

Isolezwe

Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume

INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha

time to read

1 min

August 20, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size