試す - 無料

AboNyazi kwaShembe 'bamukela' isimemo sikaRamaphosa ngolwengxoxo ngezwe

Isolezwe

|

June 12, 2025

IBANDLA iNazareth Baptist Church, ohlangothini IwaseBuhleni lithi lizosamukela isimemo sokuba yingxenye yengxoxo kazwelonke ebizwe wuMengameli Cyril Ramaphosa, lapho kuzobe kudingidwa isimo nezixazululo ngezinselelo izwe elibhekene nazo.

- SABELO MBATHA

AboNyazi kwaShembe 'bamukela' isimemo sikaRamaphosa ngolwengxoxo ngezwe

NgoLwesibili ebusuku uRamaphosa umemezele uhlu lwabaholi bemikhakha ehlukene okubalwa nabezenkolo abazobamba iqhaza kusalungiselelwa kanjalo nangesikhathi sale ngxoxo. Uveze ukuthi umholi wamaNazaretha, eBuhleni, iNkosi uMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, umenyiwe ukubayingxenye kodwa ngenxa yokuthi ubesohambeni oluthile, ubengakakuqinisekisi ukuthi uzoba yingxenye yalezi zinhlelo.

Ethintwa okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ngeke basinqabe isimemo ngoba lokhu kubaluleke kakhulu ukulungisa isimo sezwe. Uthe uNyazi ngeke lwaba yingxenye siqu salo kodwa kunalokho kungathunywa abefundisi bebandla.

"Sinabefundisi abahlakaniphile bonke esontweni, yibona abangaya kumengameli, uNyazi alunaso isikhathi lungathuma noma wubani," kusho uMncwabe.

Uthe kuyimanje amalungu aleli bandla abheke kwaNongoma, lapho kunomhlangano kaJuni ozolandelwa okaJulayi.

UMncwabe uthe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sizoba yingxenye yomhlangano kaJuni.

Kunabaholi bezenkolo abamenyezelwe wuRamaphosa ukuba yingxenye yethimba alibumbile ukuba yingxenye yale ngxoxo.

Isolezwe からのその他のストーリー

Isolezwe

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni

USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK

UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile

KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.

time to read

1 min

January 05, 2026

Isolezwe

Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane

ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.

time to read

1 mins

January 05, 2026

Isolezwe

Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras

U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isolezwe

U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha

UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane

ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.

time to read

1 min

December 19, 2025

Isolezwe

Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni

UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.

time to read

1 mins

December 19, 2025

Isolezwe

Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane

USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.

time to read

2 mins

December 18, 2025

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size