कोशिश गोल्ड - मुक्त
Kubhekwe uMofokeng noRibeiro ukushanela kweyePSL
Isolezwe
|July 16, 2025
KUNGENZEKA babuyele emakhaya emakhaya beqiqingile abadlali abayizilomo, uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates noLucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns, abaqokelwe imiklomelo eminingi ngokwahlukana, kwabenze kahle esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) ngesizini ka-2024/2025.
-
UMofokeng noRibeiro bebekhanya njengezibani ngokwahlukana emaqenjini abo kwiBetway Premiership ngesizini edlule, njengoba kuyibona ababhekwe ukuba bagoduke nemiklomelo eminingi. Umcimbi wePSL wokuklomelisa abenze kahle uzoba ngoJulayi 29, eGauteng. Uzokhonjiswa bukhoma kuSuperSport nakwiSABC.
UMofokeng noRibeiro baqokelwe umklomelo omkhulu we-PSL Footballer of The Season noKeletso Magkalwa weSekhukhune United.
Bobathathu laba badlali yibona futhi abazobanga oweBetway Premiership Player's Player of The Season okuyixoxa kuyiqede indaba ngendlela abakhombise ukuzinikela ngayo cishe yonke isizini edlule emaqenjini abo ngokwahlukana.
UMofokeng uqokwe eminxeni emihlanu uma isihlanganiswe yonke kwazise igama lakhe liyavela nakwiMTN 8 Last Man Standing, Nedbank Cup Most Promising Player nakwiBetway Premiership Young Player of the Season.
Imbangi kaMofokeng, uRibeiro ibalwa nabadlali ababe nesizini enhle ukubedlula bonke eNingizimu Afrika. Lokhu kufakazelwa wukushayela kwayo iSundowns amagoli angu-21, yakhela ozakwabo angu-15 emidlalweni engu-51 ngokwahlukana kwemiqhudelwano.
Ukushaya into ecokeme kukaRibeiro ngesizini edlule, kungenzeka kumakhele ugazi kubaqeqeshi bePremiership okuyibona abavotela umklomelo womdlali ovelele. Ngaphambi kokuphela kwesizini, abaqeqeshi abahlukene balimise ngesihloko elokuthi lo mklomelo umfanele. Emidlalweni yeligi, uRibeiro ushaye amagoli angu-16, wemuka nomklomelo weBetway Premiership Top Goal Scorer.
यह कहानी Isolezwe के July 16, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni
UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu
IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic
1 min
January 12, 2026
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Listen
Translate
Change font size
