कोशिश गोल्ड - मुक्त
UNorma uphumele obala ngokuthanda ucansi kukaGigaba
Isolezwe
|July 16, 2025
UGEQE amagula uNorma Mngoma ngokuthanda ucansi kowayengumyeni wakhe, uMalusi Gigaba, esiqeshini sayizolo sohlelo i-Untied ekhonjiswa kwiShowmax, neyethulwa uRelebogile Mabotja.
-
UNorma uveze ukuthi yize isimo phakathi kwabo sesingcono uma kuziwa ekukhuliseni amadodana abo, kodwa kukhona la ayemnyanya khona ngenxa yezinto azenzile.
Lo somabhizinisi uthe izinkinga zaqala uthando lwabo luselusha njengoba ayethunyelelwa ngabesifazane imiyalezo bemtshela ukuthi bayathandana nomyeni wakhe.
Kodwa uthi wayemtshela ukuthi angakunaki konke okuqhamukayo njengoba kungabantu abamzondayo kwipolitiki.
Uthe ngisho unkosikazi wakhe omdala ayesezinhlelweni zokuhlukanisa naye wamtshela ukuthi uGigaba uzoqonywa abukise ngaye, nokuyinto angayinakanga.
"Ngangisemathandweni, naye futhi noma kukhona okuqhamukayo wayesheshe akuvimbe angibonise ukuthi abantu abamzondayo laba abangafuni ukumbona ejabule. Nami ngathatha konke okuhle ngaqala nganaka uthando lwethu, nokula sashada khona senginengane kwalandela eyesibili. Izinkinga zaqhubeka kodwa ngangikholelwa ekutheni ngifuna ukwakha umuzi wami, ngingaphazanyiswa yizinto engizizwa ngabantu ngomyeni wami," kusho uNorma.
यह कहानी Isolezwe के July 16, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Abuye ngezinkani amaphara edla umzila edolobheni eThekwini
IMILUTHA yewunga esivimbanise emgwaqweni uChe Guevara (Moore Road) enkabeni yeTheku
1 min
November 07, 2025
Isolezwe
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
Indida ngonyamalale ephelezela abebeyogeza ngembuzi emfuleni
1 min
October 29, 2025
Isolezwe
Isikhulu sonogada sikhomba usomatekisi ngokufa kukathisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
1 min
October 28, 2025
Isolezwe
HALALA BAFANA BAFANA!
KUFEZEKE iphupho leminyaka labathandi bebhola baseMzansi iBafana Bafana izibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba ngonyaka ozayo e-USA, Canada naseMexico.
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
Injabulo kuBig Zulu ngokusebenza nendodakazi
1 min
October 15, 2025
Isolezwe
Kwaze 'kwabhizi' eMzansi
EZINYE zezimoto ezishaqwe yi-Special Investigating Unit emzini oseSandton kaMnuz Hangwani Maumela (osesithombeni esishuthekiwe kwesokudla)
1 min
October 10, 2025
Isolezwe
'Wayehlale ehubha umkakhe ngezikhali'
U-principal 'wabulala umkakhe wabe esemfumbathisa isinqindi'
1 min
September 03, 2025
Isolezwe
Amagama osondonzima kwelokubulawa kwekhansela
KUVELE negama likaMnuz Khulubuse Zuma (osesithombeni esikhulu) ecaleni lokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. Abasolwa, uMnuz Thobani Hlongwa, Mnuz Khayelihle Shabalala neNkosi Simphiwe Eric Zuma bebevele eNkantolo yeMantshi eHowick
1 min
September 02, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile
UMNUZ Vusimuzi 'Cat' Matlala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra nomkakhe uTsakani nabanye asolwa nabo ukuzocela ibheyili nokuhlehliselwe uSepthemba 2.
1 min
August 27, 2025
Isolezwe
Bezisatshwa nawunina izelamani 'ezibulele' ugogo nomalume
INGXENYE yabelaphi bendabuko abebehambele ingqungquthela yabo ebise-UKZN, eThekwini izolo. Bakhuthazwe ukuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo wokwelapha
1 min
August 20, 2025
Listen
Translate
Change font size

