कोशिश गोल्ड - मुक्त

Umthetho uyababhekelela obaba ekukhuliseni izingane

Isolezwe

|

July 02, 2025

IYANDA isibalo samadoda abona sengathi umthetho uyawacindezela. Ngiyasola ukuthi aze acabange ukuthi uma kubhalwa imithetho kubhekelwa futhi kuvikelwa abesifazane kuphela, umuntu wesilisa usuke engaziwa nokuthi uwubani futhi le mithetho icindezela amadoda kudliwe amandla awo.

Uma sicubungula kahle ngokomthetho, lowo mcabango awulona iqiniso, umthetho umele futhi uvikela wonke muntu ngokufanele nangokulinganayo. Umehluko kuba wukuthi wubani owusebenzisa ngobuchule nangobuhlakani. Mina umthetho ngiwufanisa nenkinobho okumele uyicindezele ngesikhathi nangendlela efanele ukuze ikubangele umsindo omnandi ozowujabulela.

Njengoba siqala uJulayi, othathwa njengenyama yamadoda, ngithi cha ake ngicijise amadoda ngokusebenza komthetho - khona ezokwazi ukuthi umthetho ucheme nobulungiswa hhayi nomuntu. Sizoqala ngamadoda aqotho athi afuna ukuthola ithuba lokuba obaba ezinganeni zawo kodwa avinjwayo.

UMthethosisekelo namalungelo amadoda:-

Isigaba 9, soMthethosisekelo siqinisekisa ukuvikelwa ngokulinganayo wumthetho nokusebenza kwawo ngokungachemi. Yingakho uma ubheka imithetho uthole ukuthi ayibi nabulili echeme nabo, lapho kunenhlese yokuchema khona umthetho unika amandla umahluleli ukuze ahlulele ngokobulungiswa.

Siqhubeke siyolunguza lapha esigabeni 10, esiqinisekisa ukuvikelwa nokuhlonishwa ngokuphelele kwesithunzi nobukhona bomuntu. Sivala ngesigaba 29, okubhekelwa izingane, sona esithi umama nobaba banamalungelo afanaya nalinganayo okukhulisa, ukuthola, ukunakekela nokufundisa izingane.

Ukusebenza komthetho iChildren's Act:-

Isolezwe से और कहानियाँ

Isolezwe

Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'

UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.

time to read

2 mins

January 09, 2026

Isolezwe

OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo

UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.

time to read

1 mins

January 09, 2026

Isolezwe

Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle

ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa

BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe

UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise

INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.

time to read

1 min

January 08, 2026

Isolezwe

Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi

ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini

UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Ukhiphe isidumbu umbango wefa

KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras

KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.

time to read

1 min

January 07, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size