कोशिश गोल्ड - मुक्त

Ushiya umculo umaskanda osolwa ngokubulala abantu abawu-10

Isolezwe

|

June 26, 2025

SESIVIKE izithunzi saze saqoma ukuhoxa emculweni isihlabani sikamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, ngenxa yokubona engaphephile.

- CHARLES KHUZWAYO

Ushiya umculo umaskanda osolwa ngokubulala abantu abawu-10

Le nsizwa ikhala ngokudeze iyamaniswa nezigameko zokubulawa kwabantu, kokunye ize iboshwe kodwa akukenzeki igcine ibekwe icala.

Ekhuluma kwiClean Governance Podcast, uDlubheke usole abantu bangakubo athi bamqhatha nabaseMsinga naseTembisa.

Uthe useke wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoba esolwa ekubulaweni kwabantu abangaphezu kweshumi.

Echaza uthe udaba luqale ngo-Okthoba 2023, njengoba esefika kulesi sinqumo.

"Sasihleli nje esitolo siziphuzela. Mina ngiwumuntu obuye azishayele otshwaleni.

Sasiphuza negenge yakhona endaweni nomzala. Sasila ko-5, siphuza etafuleni lethu.

Kwangena ifoni ngabo-6 ntambama." Uthe kukhona owashaya ucingo wathi akuvalwe esitolo futhi kutshelwe yena noLolo Sibiya ukuba basuke ngoba bazohlaselwa.

Uqhube wathi wahamba noSibiya kodwa yena wangaya ekhaya, kwathi uSibiya waya kubo ngoba wayefuna ukuyolala ekhaya.

Isolezwe से और कहानियाँ

Isolezwe

Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'

UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.

time to read

2 mins

January 09, 2026

Isolezwe

OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo

UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.

time to read

1 mins

January 09, 2026

Isolezwe

Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle

ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa

BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe

UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise

INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.

time to read

1 min

January 08, 2026

Isolezwe

Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi

ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini

UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Ukhiphe isidumbu umbango wefa

KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.

time to read

2 mins

January 07, 2026

Isolezwe

Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras

KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.

time to read

1 min

January 07, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size