कोशिश गोल्ड - मुक्त
Ukhonjwa kwephumayo kwi-Arrows umgadli waseMphithi
Isolezwe
|June 25, 2025
ZOBUYELA ekuthungatheni umsebenzi umgadli weLamontville Golden Arrows, uRyan Moon, njengoba kuvela ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe naleli qembu laseThekwini, ephela ngoJuni 30.
Ukungavumelani kwe-Arrows noMoon, kuputshuzelwe leli phephandaba wumthombo walo ozazi ukusuka nokuhlala ezithinta Abafana Bes'thende. Phakathi kwamaqembu okuthiwa aqaphe isimo sikaMoon owafika kwi-Arrows ethwelwe ngeqoma ngo-2022, esuka kwiVerbergs yaseSweden, kubalwa naMaZulu FC.
Akwethusi ukuvela kwegama loSuthu kwabafuna uMoon kwazise udabuka KwaZulu-Natal, kanti kubadlali abangu-16 abachithwe yileli qembu kukhona abagadli, u-Augustine Mulenga, Junior Dion no-Etiosa Ighodaro, bonke abadlala le ndawo aziwa ngayo.
यह कहानी Isolezwe के June 25, 2025 संस्करण से ली गई है।
हजारों चुनिंदा प्रीमियम कहानियों और 10,000 से अधिक पत्रिकाओं और समाचार पत्रों तक पहुंचने के लिए मैगज़्टर गोल्ड की सदस्यता लें।
क्या आप पहले से ही ग्राहक हैं? साइन इन करें
Isolezwe से और कहानियाँ
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'
UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.
1 mins
January 06, 2026
Isolezwe
UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka
UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK
UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile
KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane
ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Listen
Translate
Change font size
