Facebook Pixel Utholwe esizibeni efile owaduka 'esongelwe ngokufa' | Isolezwe - newspaper - Lisez cet article sur Magzter.com

Essayer OR - Gratuit

Utholwe esizibeni efile owaduka 'esongelwe ngokufa'

Isolezwe

|

June 18, 2026

IFUNA ambheke eduze umsolwa amaphoyisa izihlobo zowesilisa waseNkonkotho, eDumbe, okutholwe isidumbu sakhe sintanta esizibeni ngoMgqibelo.

- ZIMBILI VILAKAZI

Isidumbu sikaMnuz Sphamandla "Mbhobho" Sibiya (41) sitholwa nje, bese kuyophela inyanga engaziwa ukuthi ukuphi, njengoba agcinwa ngoMeyi 18, ekhala, ethathwa ngabantu abangaziwa ekhaya.

Ngokusho komthombo ocele ukungadalulwa, umsolwa ongumakhelwane umndeni omaziyo njengoba kuthiwa ngesikhathi ethathwa abantu, kwakusanda kuphela isonto kade esongelwe ngokubulawa umakhelwane ebebengahoshelani naye ngengxabano yezinkomo.

"Bese siside isikhathi umakhelwane echukuluza umufi. Ubefike adedele izinkomo zakhe, zizenzele umathanda ebaleni lakamufi. Uthathwa ngabantu nje, ubesanda kubiya, umakhelwane wakhombisa ukunengeka ngalokho," kusho umthombo. Uthe umakhelwane wamsongela ngokuthi uzombulala umufi, nebala kwaphela isonto, wahlaselwa ngabantu, abafika bamshaqa bahamba naye.

PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Kubhekwe u-R798 million eThekwini ngempelasonto yeDurban July

KULINDELWE inzuzo yemali elinganiselwa ku-R798 million emnothweni wedolobha iTheku ngempelasonto yangesonto elizayo yomjaho wamahhashi nezemfashini waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July.

time to read

1 min

June 26, 2026

Isolezwe

UNgizwe akayingeni eyokuxolisa kwabeLGBTQIA+

USAZIWAYO owayengumsakazi, uNgizwe Mchunu, akayingeni eyokuthobela isinqumo esikhishwe yiNkantolo yezokuLingana emhlawulise kanzima ngeledlule.

time to read

1 min

June 25, 2026

Isolezwe

Isolezwe

'U-R600 million awusetshenziswe ukubaphindisela emazweni abo'

U MHOLI wenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, ubuze ukuthi kungani uhulumeni engasebenzisi lo R600 million okuthiwa uzosebenza ukuqapha ezokuphepha ngoJuni 30, ukuhambisa abaseMalawi abaduve eThekwini.

time to read

2 mins

June 25, 2026

Isolezwe

Isolezwe

UNtanzi ucacisa ngokweseka iMarch and March

UMCULI wowokholo, u-Ayanda Ntanzi, ubhoboke ngokumenza aseke umkhankaso oholwa yinhlangano iMarch and March wokuxosha abantu basemazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho.

time to read

1 min

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuzogiya u-DJ Cndo ne Qwabe Twins kwi-Absa Run Your City

NGAPHANDLE kokubheka ngabomvu umjaho i-Absa Run Your City Durban 10km yanonyaka ozobe ugubha iminyaka eyisishiyagalolunye wasungulwa, abathandi bezokugijima eThekwini namaphethelo ngemuva komjaho bazozitika ngomculo wezihlabani zomculo, iQwabe Twins noDJ Cndo.

time to read

1 min

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Uvalo ngokuphepha emndenini wobulewe

UZWAKALISE okukhulu ukukhathazeka ngokuphepha kwawo umndeni kamastende obulawe eParkgate, eVerulam, ngeSonto, kuvela umsolwa oyedwa esikhundleni sabathathu eNkantolo yeMantshi yaseVerulam izolo.

time to read

2 mins

June 24, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuboshwe obekunesikhathi ezingelwa woKlebe

IZOVELA eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngoLwesine indoda obese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka ibalekela ingalo yomthetho.

time to read

1 min

June 23, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Udado (4) akaconsi phansi ngesimanga sezimpendulo zezibalo

IZINOMBOLO nokubala yinto evame ukuba yinkinga ebantwini abaningi ngisho abadala futhi abafundile imbala, kangangokuthi abanye baze babalekele isifundo sezibalo esikoleni ngoba bekholelwa ekutheni sibukhuni futhi asiqondeki kalula.

time to read

1 min

June 23, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Kuphela amazwi kwabazibonele kubulawa umastende

BAPHELELWA amagama okuchaza isihluku esenziwe ababulali, abazibonele abebeyiziqashi begwaza futhi begenca obengumastende wabo eParkgate, eVerulam, ngeSonto.

time to read

2 mins

June 23, 2026

Isolezwe

Bazonikwa amasu ezomnotho kosomabhizinisi basemakhaya

OSOMABHIZINISI basezindaweni zasemakhaya, abatshalimali nababhekele umnotho owakhiwa ezindaweni zasemakhaya bazocetshiswa ngamathuba okufeza lokho, ukuze kufukuleke izindawo zasemakhaya kwandiswe nezinhlelo zokutshala imali kuzona.

time to read

1 min

June 23, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size