Essayer OR - Gratuit
Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'
Isolezwe
|January 06, 2026
UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.
Ngokuthola kweSolezwe lesi sigameko senzeke izolo entathakusa. Kuvela ukuthi umufi, uMnuz Mlondi Zithumane Gasela (35), ubenomndeni wakhe ngesikhathi ehlaselwa.
Isihlobo esikhulume neSolezwe, uMnuz Banele Gasela, sithe lesi sigameko sibashiye beshaqekile kakhulu futhi bebuzana ukuthi kwenzekani futhi wenzeni kubani umfowabo?
Uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwelungu labo ngale ndlela.
Ngokuchaza kwakhe, kungene amaphoyisa engasadle nkobe zamuntu emfuna la umfowabo. Uthe umfowabo uzamile ukubaleka ephuma ekamelweni lakhe wayocasha ekamelweni lezingane kodwa amlandela kulona.
Uthe amaphoyisa awazange abuze mpilo kodwa kunalokho amane avulela ngenhlamvu ebhekise ngqo kumfowabo. Kulesi sigameko kubulawe nonogada kamufi obekhona naye endlini ngaleso sikhathi.
Cette histoire est tirée de l'édition January 06, 2026 de Isolezwe.
Abonnez-vous à Magzter GOLD pour accéder à des milliers d'histoires premium sélectionnées et à plus de 9 000 magazines et journaux.
Déjà abonné ? Se connecter
PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Sisuse ukukhuluma isigqebhe somsakazi woKhozi FM
KUHLUKENE imibono ngesiketi esifishane ebesigqokwe wumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza, ngesikhathi ephethe uhlelo kwiMthandeni Summer Experience eMdletsheni ngempelasonto.
1 min
January 07, 2026
Isolezwe
Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca
SEKUQUBUKE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Isililo nolaka uMbuso Khoza ehoxa kuKhozi FM
ABALALELI boKhozi FM bafe olwembiza ngesikhathi umculi we-world music, uMbuso Khoza, ememezela ukuthi usethi khumu ekuvolontiyeni ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul' Ujule ngoLwezihlanu.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Uzoqhubeka nokuqopha uMakhadzi osengozimakhaza
UMYALELO awunikwe wudokotela wokuhlala ekhaya amasonto ayishumi ukuze alulame ekulimaleni engozini yemoto, umculi uMakhadzi uwubona njengethuba lokubhala umculo omusha.
1 min
January 06, 2026
Isolezwe
Bashaya amakhala ngokubulawa kukasomabhizinisi 'otholwe nama-AK47'
UYATHIMULA ukholwa wukuthi kukhona okunuka saNtungwana umndeni kasomabhizinisi wase Vongo, eMargate, ePort Shepstone, odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngamaphoyisa washonela khona lapho phambi komkakhe nezingane zakhe.
1 mins
January 06, 2026
Isolezwe
UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka
UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK
UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.
1 min
January 05, 2026
Listen
Translate
Change font size
