Essayer OR - Gratuit

IChiefs izowethula eThekwini 'umswenko' wesizini entsha

Isolezwe

|

June 27, 2025

UMSWENKO iKazier Chiefs ezogijima ngawo ngesizini entsha yeBetway Premiership uzobonakala okokuqala eThekwini, emdlalweni waleli qembu laseNaturena weToyota Cup nezinkunzi zaseGhana, i-Asante Kotoko SC ngoJulayi 26, eMoses Mabhida Stadium, kwelikaBhanana.

- MTHOKOZISI MNCUSENI

Lokhu kuqinisekiswe ngesinye sezikhulu zaMakhosi, uJessica Motaung, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iToyota Cup izolo, ekomkhulu leChiefs.

Ngesikhathi amaqembu athathwa njengamakhulu kwiPremier Soccer League (PSL) eseqalile ukukhangisa ngengqephu azogijima ngayo ngesizini ezayo, iChiefs iqome ukulinda kuze kube ibuya eNetherlands, lapho iyocijela khona ukuqala kwesizini entsha.

PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe

Isolezwe

Isolezwe

Itwetwe liphonse umlingisi ekubhaceni

UMLINGISI wodumo kuMuvhango, uTebogo Thobejane, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa komunye wofakazi ebebegeqa amagula kwiKhomishini kaMadlanga, uMarius van der Merwe.

time to read

1 min

January 12, 2026

Isolezwe

Izonyundula izinkinga zakwaMseleku isizini ezoqala kolwesithembu

IBHEKWE ngabomvu isizini entsha yohlelo olukhombisa ngempilo yasesithenjini sakwaMseleku, Uthando Nes'thembu osekuqinisekisiwe ukuthi izoqala ngenyanga ezayo kuMzansi Magic

time to read

1 min

January 12, 2026

Isolezwe

Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'

UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.

time to read

2 mins

January 09, 2026

Isolezwe

OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo

UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.

time to read

1 mins

January 09, 2026

Isolezwe

Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle

ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa

BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.

time to read

1 min

January 09, 2026

Isolezwe

Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe

UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise

INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.

time to read

1 min

January 08, 2026

Isolezwe

Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi

ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo

time to read

1 mins

January 08, 2026

Isolezwe

Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini

UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.

time to read

1 mins

January 08, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size