Essayer OR - Gratuit
Ayithi shu igonyuluka yenkabi eyasoconga uMagaqa- ungoti
Isolezwe
|June 18, 2025
UKUBHOBOKA kwenkabi evume icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, akwanele ukubophisa nabanye abachakidwa ile nkabi ukuba babeyingxenye yetulo lokusocongwa kukaMagaqa.
-
Ungoti wezomthetho wenkampani yabameli iDonda Attorneys, uMnuz Melusi Xulu, uthe ukuze kuboshwe kuphinde kushushiswe ngempumelelo bonke abachakidwe yinkabi, kofanele inkabi iphenduke ibe ufakazi woMbuso.
Umsolwa wesine ecaleni, uSibusiso Ncengwa, wavuma icala waphinde washo namagama abantu athi babeyingxenye yetulo lokusoconga uMagaqa. Ebantwini ababala, kukhona kubo avele aboshwe nabo kuleli cala, uMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana noMlungisi Ncalane, kanye nabantu abangaboshiwe kuleli cala.
UNcengwa uzogwetshwa ngoJuni 30. UXulu uthe ukuze uMbuso ukwazi ukusebenzisa ubufakazi bukaNcengwa kuzofanele ukuthi aphenduke ufakazi wenkantolo.
Cette histoire est tirée de l'édition June 18, 2025 de Isolezwe.
Abonnez-vous à Magzter GOLD pour accéder à des milliers d'histoires premium sélectionnées et à plus de 9 000 magazines et journaux.
Déjà abonné ? Se connecter
PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe
Isolezwe
UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kweyonyaka
UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula \"Mafikizolo\" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Usizi abayizihlobo bebulawa bebuya emcimbini womndeni
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Umkhuleko ubuseqhulwini emcimbini kaMthandeni SK
UQHAKAMBISE uNkulunkulu ngempumelelo yomcimbi wakhe uMthandeni SK, obehlele indumezulu iMthandeni Summer Experience ngakubo eMdletsheni, ngempelasonto.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Othisha nowayeqapha imeya kwababoshwe beshayela bebukhile
KUBOSHWE utolika, othisha, owayengumqaphi wemeya, umshayeli wesitimela nephoyisa eMnambithi ngempelasonto njengoba bebeshayela bephuzile.
1 min
January 05, 2026
Isolezwe
Kukhuthazwa ukukhuthalela ukufunda imigomo yomasingcwabisane
ZIMBILI VILAKAZI UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.
1 mins
January 05, 2026
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Listen
Translate
Change font size
