Sikhathele amakhomishini afana nezinja ezingenamazinyo
Isolezwe
|June 10, 2025
MHLELI: Kubukeka sengathi ukusungulwa kwamakhomishini ophenyo ezweni kusetshenziswa njengedamu abanye abathi yithithi - lokhu kokukhohlisa ingane encane nxa ikhala.
-
Lokhu ngikusho ngoba asemaningi kakhulu amakhomishini esungulwayo kepha izincomo zawo zifana nento engekho.
Imibiko engamaheheba yamakhomishini igcwele izintuli emahhovisi yabaphethe. Kwamanye kukhishwa izincomo zokuthi kube khona abathathelwa izinyathelo kepha kungenzeki lutho. Imali esuke isebenze lapho isuke isifana nemukiswe nomfula.
Izwe linomlando omude ngamakhomishini osuka kweyamaQiniso nokuBuyisana eyasungulwa singena embusweni wentando yabantu. Nakhona kwakhulunywa sathemba ukuthi kuzokwenziwa okuthile ngababesolwa ngamacala abucayi okwakuthiwa bawenza ngesikhathi sobandlululo.
Emva kweminyaka engu-30, kwatholakala izincomo zeKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana zokuthi abanye kufanele bashushiswe wuPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi (NPA) - akukabi namnyakazo. Emindenini eyalahlekelwa yizihlobo ngesikhathi sobandlululo kwaba buhlungu kwazwela.
Imindeni isishubise umkhankaso wokuyisa uhulumeni ezinkantolo ngalokho. Ngakho kubukeka umsindo okhwezelwa yimindeni kuyiwo obachathisa uhlanya abasemahhovisi amakhulu njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa esememezele ukuthi kunezinhlelo zekhomishini ezophenya ngokungalandelwa kwezincomo zeKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana.
Cette histoire est tirée de l'édition June 10, 2025 de Isolezwe.
Abonnez-vous à Magzter GOLD pour accéder à des milliers d'histoires premium sélectionnées et à plus de 9 000 magazines et journaux.
Déjà abonné ? Se connecter
PLUS D'HISTOIRES DE Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

