Versuchen GOLD - Frei
Ihlaya abeMK 'belwa' phambi kwezimbangi esiShayamthetho
Isolezwe
|July 16, 2025
APHENDUKE ihlaya amalungu eMK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ephikisana wodwa phambi kwezimbangi zawo ezinkulu.
Uqhekeko kwabeMK luhlale obala ngesikhathi behluleka ukuzibamba, baphikisana phambi kwamaqembu aphethe ngokubambisana KwaZulu-Natal.
Amalungu eMK avote ngokwehlukana ngesikhathi kuvotelwa uhlaka lwesabelomali esiShayamthetho, izolo.
Ukuvota ngokwehlukana kwamalungu eMK kuwaphendule inhlekisa emaqenjini abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal, i-IFP, ANC, DA neNFP.
I-MK iyizimbangi ezinkulu zala maqembu njengoba ihlezi ikusho ukuthi ifuna uhlakazeke uhulumeni ophethwe yila maqembu ehlukene.
Kumangale abaningi ngesikhathi amalungu amahlanu eMK eqoka ukuphikisana nomyalelo kaSotswebhu weqembu osanda kuqokwa, uMnuz Bonginkosi Mngadi, ngesikhathi kuvota.
Amalungu esiShayamthetho abezonikeza umyalelo amalungu oMkhandlu weziFundazwe aKwaZulu-Natal ukuthi kufanele avote kanjani uma sekuphasiswa isabelomali ePhalamende.
Diese Geschichte stammt aus der July 16, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
UMakhadzi ululame ngaphambi kwesikhathi ebesilindelekile
ULULAME ngaphambi kwesikhathi abezitshela ukuthi uzolulama ngaso umculi uMakhadzi owalimala engozini yemoto ngoDisemba 31.
1 min
February 18, 2026
Isolezwe
Ukulingisa indawo yoMfundisi sekushintshe impilo yowo Zalo
UKULINGISA indawo yokuba wumfundisi sekushintshe nempilo yomlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi, othi usemenywa emasontweni futhi usesondelene noNkulunkulu.
1 mins
February 18, 2026
Isolezwe
Bavele babhocobala begixabezwa odilikajele abasoconga uthishanhloko
INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu, izolo, ibagixabeze ngodilikajele abesilisa ababili abebethweswe wuMbuso icala lokusoconga uthishomkhulu wasesikoleni sase Hammarsdale, iSikhethuxolo High.
1 mins
February 18, 2026
Isolezwe
Liyathuthumela ikhansela elisinde lidutshulwa
LIYATHUTHUMELA ikhansela le-EFF kuMasipala waseNewcastle, uNksz Ayanda Mkhwanazi, elisinde lidutshulwa.
1 min
February 18, 2026
Isolezwe
Ufuna ubulungiswa umaskanda ngendodana yakhe 'ebulawe abalamu'
UMCULI kamaskandi, iChwane Lebhaca, uthi ufuna ubulungiswa kuboshwe abalisa abashaye babulala indodana yakhe ngensimbi ekhanda, ngoba beyithole ihleli nodadewabo akade ineminyaka ithandana naye futhi benengane.
1 min
February 18, 2026
Isolezwe
I-Uber ne-Bolt engcupheni yokungasebenzi kuleli
EZOKUTHUTHA ezidumile eNingizimu Afrika ezihlanganisa i-Uber ne-Bolt zingase zizithole sezigejana nomthetho njengoba sekushaywe imithetho emisha ukulawula izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
1 min
February 17, 2026
Isolezwe
Akayingeni eyokungcwaba uyise ongamondlanga
OWESILISA waseCopesville, eMgungundlovu, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke amngcwabe uyise ngoba akazange amondle futhi akazange amphathe kahle esadla anhlamvana.
2 mins
February 17, 2026
Isolezwe
Indida ngendodana ka-Ashley eyamaniswa noSweet Guluva
NTOKAZI yaseThekwini, eyazakhela igama ohlelweni iBig Brother Mzansi, u-Ashley Ogle, isiveze ukuthi ibingafuni ukulahlekelwa yimisebenzi eyenza nezinkampani ezahlukene, kungakho ikhethe ukufihla ukuthi izithwele.
1 min
February 17, 2026
Isolezwe
Ikhululiwe imoto ebiqhwagwe abamatekisi ePhoenix
IMOTO esebenza ukuthutha abagibeli ikhokhelwe ngebanga elihambile ebiqhwagwe ePhoenix, eThekwini, ngoMgqibelo, igcine ibuyiselwe kumnikazi emuva kokungenelela komthetho
1 min
February 17, 2026
Isolezwe
Osomahlaya baveze elinye ikhono kwi-Comedy Meets Gospel
OSOMAHLAYA baveze amanye amakhono kwi-Comedy Meets Gospel: A Decade of Laughter eSuncoast Casino (Tsogo Globe) eThekwini, ngoMgqibelo.
1 min
February 16, 2026
Listen
Translate
Change font size
