Versuchen GOLD - Frei
Owayefisa ukuba nehhotela uchuma ngokupatha endaweni yokudlela
Isolezwe
|July 03, 2025
K UNEZINTO esikhula sifisa ukuthi zenzeke ngendlela ethize empilweni, singazi ukuthi ukwenza kanjalo kungagcina kusivezela amathuba ezinye izinto ezinhle nezinkulu. Kwenzeka kanjalo kuNksz Tracy Khathi, omunye wabaphathi bendawo yokudlela ezinze eMhlanga, enyakatho yeTheku iPlatinum Belt Lounge, lapho elekelelana khona nomphathi omkhulu wale ndawo njengoba eyi-Assistant Restaurant Manager, futhi uyi-Marketing Strategist, okusho ukuthi wuye obhekele ukumaketha le ndawo nemicimbi eyihlelayo.
Ufika kulesi sigaba akusona nje, uNksz Khathi (35) waseBonela, eThekwini, ukhule ehlatshwa umxhwele wubuhle bamahhotela ehlukene aseThekwini namaphethelo, futhi ethanda indlela akhiwe ngayo okwenza waze wafisa ukuba nehhotela elithi yena uma esekhulile.
"Yilokho okwenze ukuthi sengiphothule u-matric eSparks Estate Secondary ngo-2007, ngenza izifundo ze-Hotel Management, eCity and Guilds ngoba ngenzela ukuthola ulwazi olwanele lokuthi wenza kanjani uma ufuna ukusebenza ehhotela," usho kanje.
Uthe uqale ukusebenza ewuweta kwenye yezindawo zokudlela iSpur, kwathi ngo-2014 waqashwa yiBeverly Hills Hotel, khona eMhlanga ukuzoba wumabhalane, okuyilapho efunde khona okuningi ngale mboni iminyaka eyisikhombisa ayihlale khona.
Diese Geschichte stammt aus der July 03, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Uthisha ocula umaskandi ugile izimanga ku-matric
UMCULI kamaskandi obalwa nabahamba phambili kulezi zinsuku, uKhetha \"Maganga Thishela\" Mlotshwa, uhambela phezulu kulezi zinsuku emuva kokuthi isifundo sakhe siphaswe ngo-100%.
1 min
January 16, 2026
Isolezwe
Usizi kothisha abangatohozi beqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo
ABIKA usizi othisha abangasebenzi uma bechaza ngesimo abazithola bebhekene naso sokuphela kwesikhathi eside bengaqasheki.
2 mins
January 15, 2026
Isolezwe
Owokholo ubalisa ngokushona kukazakwabo
NGWAZI yomculo wokholo, uMfu Sam \"Makitaza\" Zondi, ibalise ngokudlula emhlabeni kukazakwabo uNoxolo \"Before\" Biyela weMvuselelo Yesizwe.
1 min
January 15, 2026
Isolezwe
Ochaze uBig Zulu kwiLast Dance akaphoxanga naku-matric
IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.
1 min
January 15, 2026
Isolezwe
KUSOLWA ukhwantalala ngokushona kukanina kaFaith
KUSOLWA ukhwantalala njengomnyombo ogcine sewuholela ekutheni kugcine sekumanela unina kaNkk Faith Ntombela, uNkk Busisiwe Nkosi, uMaMkhize, (68) oshone ngeSonto.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Itwetwe kwanda ukuhlaselwa kwabashayeli be-ehailing
SEKUQUBUKE ukukhathazeka ezinhlanganweni zabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukwanda kwezigameko zokuhlaselwa kwabo eChesterville, eThekwini.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Basabisa ngokuduba Impucuzeko ngenxa kaTshatha
BASABISA ngokuduba Impucuzeko Maskandi Festival abangeneme ngokuhoxa komsakazi woKhozi FM, uKhathide \"Tshatha\" Ngobe kule ndumezulu yomcimbi.
1 mins
January 14, 2026
Isolezwe
Umaskanda uyokwenza izifundo zobunjiniyela
NKOLELO yokuthi umaskandi wumculo wabantu abangancwadile sekuyinto yayizolo.
1 min
January 14, 2026
Isolezwe
Osaziwayo nemiyalezo kwabaka-matric
SAZIWAYO bahalalisele abaphase u-matric baphinde bakhuthaza abangaphumelelanga ngokuvuka bazithathe.
1 mins
January 13, 2026
Isolezwe
Lehlile okungayephi izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele
LITHE ukwehla kancane izinga lokuphasa ezikoleni ezizimele.
1 min
January 13, 2026
Listen
Translate
Change font size
